
BUKA: Usefikile, iChiefs imemezela uNabi
– Sibongiseni Gumbi
IKaizer Chiefs isimemezele ngokusemthethweni ukufika komqeqeshi wayo omusha, uNasreddine Nabi, ekhempini yokulungiselela ukuqala kwesizini eTurkey.
Iqembu lishicilele ividiyo ezinkundleni zokuxhumana ngokufika kukaNasreddine Nabi kwiKaizer Chiefs, okuphawula ukuqala kwenkathi entsha eqenjini.
Uhambo lukaNabi oluya ekhempini yeChiefs lubambezelekile ngenxa yomkhuhlane, omphoqe ukuba ahlabe ikhefu eBelgium.
Uqale uhambo esuka eTunisia kanti bekulindeleke uNasreddine Nabi ajoyine iKaizer Chiefs eTurkey ngoLwesihlanu kodwa uze wakwazi ukufika ngeSonto.
Ividiyo efakwe yiChiefs iveza ngesikhathi uNabi ehlangana nabadlali bakhe abasha okokuqala, ekhombisa ukuthi usekulungele ukuhola iqembu.
“Sijabule ukwamukela umqeqeshi uNasreddine Nabi emndenini weKaizer Chiefs.
“Siyajabula ukuba nawe mqeqeshi,” kubhala leli qembu embhalweni ohambisana nale vidiyo.
Ukuqokwa kukaNabi kufike ngesikhathi esimqoka kwiChiefs njengoba ihlose ukulungisa kabusha isikwati namaqhinga ayo ngaphambi kwesizini entsha.
Abalandeli bawubheke ngabomvu umthelela wobuholi bukaNabi nendlela azojika ngayo izinto kuleli qembu.
Njengoba amalungiselelo angaphambi kwesizini eqhubeka, wonke amehlo azobe ebheke ukuthi uNabi ulihlanganisa kanjani iqembu lakhe.
OLUNYE UDABA: Uyabalisa uModise ngokudunwa kwemoto yakhe
Njengoba esegcine ethuliwe umqeqeshi, manje sekuzobhekwa abadlali abasha abazojoyina leli qembu. Buka nansi ividiyo ngezansi:
