Ezintsha

Uyabalisa uModise ngokudunwa kwemoto yakhe

UPortia Modise uthi lesi sehlakalo simshiye ethukile ikakhulukazi ngoba senziwe abafana abasebancane uma ebabheka.

Ube esengena ezinkundleni zokuxhumana ngeSonto, wacela ukuthi abangaba nolwazi noma abayibonile imoto yakhe basize. 

“Ngiythemba niyaphila nonke, mina angiphilile neze,” kusho yena kwividiyo ayiphanyeke ezinkundleni zokuxhumana. 

“Begifika ekhaya la ngihlala khona, bekunabafana abambalwa – abangamaZulu – abafana abancanyana nje. 

“Ngikhonjwe ngezibhamu, ngathathelwa imoto… Ngakho ngenza le vidiyo ukuthi ujma kukhona oyibonayo le moto angazise.

“YiGolf 5 elihlaza ngombala, uma uyibona ngicea uzame ngayo yonke indlela ukusifonela. 

“Angiphilile ngampela emoyeni. Kodwa ngibona impilo ngoba abangenzanga lutho. 

“Ngizama ukusho ukuthi uma la ukhona ubona iGolf eluhlaza, iKX 15 GP, eyami. 

“Ngicela ningizize, ngisadidekile namanje. Angizange ngilale kahle ngicabanga ngalaba bafana.” 

UModise ungomunye wabadlali beBanyana ababanomthelela ekukhuleni kwebhola labesifazane kuleli. 

Washaya amagoli angaphezu kuka-100 ngezikhathi zakhe kanti waziwa ngokungancethezi uma ekhuluma, eveza imibono yakhe ngebhola.