Ezintsha

Buka: OweKaizer Chiefs ‘uchoma’ ngokugqoka ijezi leBafana

Umdlali weKaizer Chiefs, uZitha Kwinika usengene ukungcofana kwabalandeli ngabadlali baleli qembu.

Abalandeli baMakhosi bebelokhu bechukuluzwa ngokuthi akukho mdlali waleli qembu oqokelwe eqenjini lesizwe. 

Bekuthiwa njengoba iBafana idlala imidlalo yobungani nePanam isebenzisa ijezi layo elisha, abadlali beChiefs bazogcina ngokulibukela kude. 

Nokho ngoLwesihlanu ekuseni uKwinika ufike ejimini yeKaizer Chiefs eNaturena egqoke ijezi elisha leBafana.

Ubefake leli elisha le-Adidas lasekuhambeni elethulwe ekuqaleni kwaleli sonto. 

“Hheyi, hheyi, akekho umdlali weChiefs ozogqoka ijezi leBafana,” kusho uKwinika ezincokolela nozakwabo.

“Yini le? Yini le? Ya, mina ngizoligqoka ngenkani. Ngizofosta… 

“Ngizoligqoka ijezi leBafana Bafana futhi kwamanje ngiya khona eMabhida.” 

IBafana ibhekene nePanama eMoses Mabhida Stadium kumanje kanti kuyiwe ekhefini ilandela ngemuva ngo 1-0. 

Izophinde ibhekane nayo iPanama eKapa ngoLwesibili kuloluchungechunge lwemidlalo yobungani. 

Yize kungekho mdlali weKaizer Chiefs kuleli qembu, umqeqeshi uHugo Broos ukuvezile ukuthi ubezomthatha uBrandon Petersen.

Nokho lo nozinti ube nokugula emasontweni ambalwa edlule okuphoqe ukuba ahlinzwe, waphuthelwa kanjalo ke. Buka le vidiyo ngezansi: