
BUKA: Kuputshuke ijezi leChiefs elisha: Ngabe yilona?
– Intatheli yeLisenethini
Ijezi okuthiwa yijezi elisha leKaizer Chiefs kule sizini ezayo selivele ku-inthanethi kodwa abalandeli abalamukelanga kahle.
Yize iKaizer Chiefs ingakalethuli ngokusemthethweni noma ingakaliqinisekisi leli jezi, kodwa selivele liyathrenda ezinkundleni zokuxhumana.
Abalandeli beKaizer Chiefs sebevele bashaya amakhala ngalo njengoba abalandeli bamaqembu ayizimbangi sebevele behlekisa ngalo.
Kwividiyo ethunyelwe ngu-@KingsletMcTladi kwi-X, leli jezi liyaboniswa lihambisana nesithombe sengwe ngaphansi.
Lokhu kwenzelwe ukufanisa indlela umsiko waleli jezi ufana ngayo nengwe.
Izimpendulo ezivela kubalandeli zisukela kwezihlekisayo kuye kweziveza ukunengeka ngokuthi kungenzeka kube yilo ngampela.
Abaningi bechaza ijezi ngokuthi “libi.” Lesi simo sisikhumbuza ijezi langaphambilini lelalifaniswa nedube.
Leli jezi laqala labangabazisa abalandeli, kodwa lagcina lingelinye lamajezi athandwa kakhulu futhi athengiswa kakhulu emlandweni weqembu.
Ngaleso sikhathi, iChiefs yayisebenzisana neNike njengomhlinzeki wayo wezimpahla zokugqoka.
Kodwa ngesizini edlule ishintshele kwiKappa. Ijezi lokuqala kulandela ukuhlangana kwabo neKappa ngemuva kweminyaka engama-20 lamukelwe kahle.
Kuzothatha amehlo ukubona ukuthi abalandeli bazolamukela kanjani lei jezi eliputshukile uma kugcina kuba yilo ngampela.
Uma kubhekwa ukuthimula kwabo ngalo, iKaizer Chiefs ingase ibhekane nomqansa wokwenza abalandeli balithande.
OLUNYE UDABA: Inselelo enkulu ebhekene noNabi kwiKaizer Chiefs
Buka nansi le vidiyo yaleli jezi ngezansi:
