Inselelo enkulu ebhekene noNabi kwiKaizer Chiefs
– Sibongiseni Gumbi
Umqeqeshi osanda kuqokwa kwiKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, ubhekene nenselelo yokubuyisela iqembu ezingeni ebelaziwa ngalo ebholeni laseNingizimu Afrika.
Okulindelekile kuNasreddine Nabi yiqembu nabalandeli balo kucacile: IKaizer Chiefs kumele iqede kwiTop 4 yeDStv Premiership kule sizini.
Kunethemba lokuthi iKaizer Chiefs izosibuyisa isithunzi sayo sakudala, kodwa uNasreddine Nabi kuzomele asheshe ajwayelane nesimo sebhola laseNingizimu Afrika.
Okunye okuvelile ngalo mqeqeshi, okungase kumqhathe nabaphathi beChiefs, wukuthi unolaka uma ekhuluma kwabezindaba.
Kuzokhumbuleka ukuthi abaphathi beChiefs bayazwela ngokungciliseka kwegama leqembu ngenxa yezinto ezenzeka ngaphandle kwenkundla.
UNasreddine Nabi uxabane kanzima nentatheli ngemuva komdlalo wakhe wokugcina kwi-AS FAR Rabat eMorocco.
Kuthiwa ubuye kade esedubile wazohilizisana nale ntatheli ngoba exhilwe wumbuzo wayo.
“Ngicabanga ukuthi iChiefs uzoyivusa,” kusho intatheli yaseGhana elandela kakhulu ibhola lase-Afrika, uMickey Junior kwiMetro FM ngoLwesibili ebusuku.
“(Kodwa) UNabi udinga ukujwayela uhlobo lwemibuzo azoyibuzwa ngabezindaba eNingizimu Afrika”
Akungabazeki ukuthi indlela aziphatha ngayo phambi kwabezindaba izobaluleka ngoba uyabudinga ubudlelwano obuhle nabo.
Okunye okuvezwe yile ntatheli wukuthi kungenzeka uNabi ahlangane neqembu lakhe elisha eTurkey la liyokhempela khona isizini entsha
“Ngenxa yokubambezeleka komdlalo wamanqamu wendebe eMorocco, kulindeleke ukuthi uNabi ajoyine isikwati seChiefs eTurkey.”
Lolu hambo luzoba yisikhathi esibalulekile sokuba uNabi ahlangane neqembu, ahlole abadlali bakhe, futhi aqale ukugxilisa amasu akhe kubadlali.
Njengoba isizini isondela, wonke amehlo azobe ethe njo kuNabi ukubona ukuthi angayibuyisela yini iKaizer Chiefs endleleni.
OLUNYE UDABA: U-Erasmus uchiphize izinyembezi ngokunganakwa kwiBucs
Akungabazeki ke ukuthi ingcindezi izobe iningi kwazise iqembu ngathi lizimisle ukwenza konke akucelayo ukuze asebenze ngendlela afisa ngayo.