Bafana BafanaEzintsha

Elinye ihlazo kwiSafa, ibhekene nenkiyankiya ngeCosafa Cup

I-Safa ayikamqoki umqeqeshi weqembu lesizwe elizodlala kulo mqhudelwano. 

Bobabili umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos nephini lakhe uHelman Mkhalele ngeke bakwazi ukusebenza kulo mqhudelwano.

Ngokubika kweSportswire.co.za, ngokwenkontileka yakhe, uBroos usebenza kuphela ukuthi emidlalweni emikhulu.

Le midlalo ihlanganisa iCaf Africa Cup of Nations nemidlalo yokuyihlungela, nemiqhudelwano yeFifa kuphela. 

Ngokungafani nabaqeqeshi bakudala oStuart Baxter noShakes Mashaba, isivumelwano sakhe asiyifaki imiqhudelwano efana neCosafa noma iChan.

Okunye okwenza izinto zibe nzima kwiSafa wukuthi iCosafa Cup igaxelana neminye imidlalo ebalulekile yeBafana Bafana. 

Kusukela ngoJuni 6 kuya ku-10, isikwati sikaBroos sizodlala imidlalo yobungani emibili yamazwe ngamazwe.

Izoqala ngoweTanzania ngoJuni 6 ePeter Mokaba Stadium. Beyizodlala neNamibia ngoJuni 10, kodwa seyihoxile. 

Kubhekwe ukuthi isikhala sayo sivalwe elinye izwe elingaphansi kweCosafa. 

Ukushayisana kwemidlalo yisona sizathu esenza ukuthi kuze kube manje i-Safa ayikakasimemezeli isikwati esizodlala kwiCosafa Cup. 

Into ephoqa iSafa ukuthi ingene kule midlalo wukuthi iFifa isiyayisebenzisa imiphumela yale midlalo ekuklelisweni kwamazwe emhlabeni. 

Lokhu kusho ukuthi le midlalo inomthelela ekumeni kweBafana emhlabeni jikelele.

ISafa kumele isheshe ithole umqeqeshi ozohola iqembu leCosafa. Umqeqeshi welika-Under 20, uRaymond Mdaka, naye akatholakali.

Obesiza kuleli qembu eminyakeni edlule, uMorena Ramoreboli naye ngeke atholakale ngoba usengumqeqeshi weqembu lesizwe laseBotswana.

Okubukeka kuzofanele ikhalele kuye iSafa nguMolefi Ntseki, obehola iBafana kweyokuhlungela iChan muva nje. 

Kodwa uNtseki ubhekwe esikhundleni somqondisi wezobuchwepheshe esingenamuntu njengamanje kule nhlangani kulandela ukushiya kukaWalter Steenbok. 

Lokhu kungase kumenze angakwazi ukuyohola iqembu emidlalweni yeCosafa.

ISafa ingaphansi kwengcindezi yokuxazulula le nkinga yabaqeqeshi ngokushesha, njengoba sekusele amasonto ambalwa umqhudelwano uqale.