
BUKA: Korani! Korani! Ugogo mqeqeshi ethethisa abadlali bakhe
Iqembu lakhe belihamba phambili ngo 1-0 ngesikhathi sekhefu, kodwa uGogo mqeqeshi ubengajabule neze.
Ividiyo kagogo oqeqesha iqembu lakhe isabalale ezinkundleni zokuxhumana, yajabulisa abantu abaningi baseNingizimu Afrika.
Le vidiyo ifakwe kuFacebook ngeSonto ntambama ngumsebenzisi ozibiza ngo-Astro.
Uthe ikhombisa isikhathi sekhefu emdlalweni ophakathi kwe-50-50 FC neClassic FC.
Akukacaci ukuthi lo mdlalo ubudlalelwa kuphi. Nokho, kubukeka sengathi ubuse-Eastern Cape, kanti abanye bathi i-50-50 FC ngeyakuTsolo.
Yize iqembu lakhe lihamba phambili, lo gogo ubonakala ecasulwe ngamathuba abadlali abahlulekile ukuwasebenzisa esiwombeni sokuqala.
“Benilale izolo ebusuku nazi ukuthi nizodlala lo mdlalo namuhla.
“Benilale nazi ukuthi sizodinga amagoli kulo mdlalo,” kusho yena ekhuluma nabadlali bakhe.
Ube esegcizelela ukuthi akanelisekile ngalokho abakwenzile esiwombeni sokuqala.
“Mina ngiyawafuna amagoli. Anikakori, naleli enilikorile alikabi yilona,” kusho ugogo.
Ube eseqhubeka nokunxusa abadlali bakhe ukuthi bashaye amanye amagoli, waphinde waxwayisa abadlali basemuva.
“Korani! Korani! Awudlalwe lo mdlalo. Anikawudlali lo mdlalo. Ngicela ningisize. Nina basemuva, akungasondelwa kini,” kusho yena.
Indlela lo gogo akhulume ngayo nabadlali bakhe ingenza abaqeqeshi abaningi bePSL bathathe amanothi.
- FUNDA NALA | I-PSL isimemezele abadle izindondo zenyanga
Abanye baze bancokola ngokuthi uKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns akudingeki babheke kude uma sebefuna abaqeqeshi abasha.
Lokhu kuza ngesikhathi abaqeqeshi uMiguel Cardoso weSundowns noFernando Da Cruz weChiefs bebhekene nengcindezi ngenxa yemiphumela nokudlala kwamaqembu abo okungagculisi muva nje.
Buka le vidiyo ngezansi:
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
