
I-Orbit iphawula ngomqeqeshi ‘ogxibhe’ uSaleng
Abaphathi be-Orbit College FC sebekhiphe isixoliso esidlangalaleni kumdlali wasophondweni abamboleke kwi-Orlando Pirates uMonnapule Saleng.
Lokhu kuxolisa kulandela ukuphawula okungekuhle okwenziwe ngumqeqeshi wayo uPogisho Makhoye ngoMonnapule Saleng engxoxweni nabomsakazo muva nje.
UMakhoye uzwakalise ukuphoxeka ngokudlala kukaSaleng, ephakamisa ukuthi ukuba khona kwakhe kuphazamisa iqembu lakhe.
Wathi ngenxa yegama lakhe, abanye abadlali sebethembele kakhulu kuye, ekubeni yena akakhombisi ukuzinikela okufanele.
Lo mqeqeshi waphinde waxwayisa ngokuthi uMonnapule Saleng udinga ukwenza kangcono ngale kwalokho usengcupheni yokuthi azithole enyiwa yisikimu.
Lezi zinkulumo zisuse umsindo ezinkundleni zokuxhumana, nokwenze ukuthi ikilabhu ikhiphe isixoliso ekhasini layo elisemthethweni likaFacebook kuleli sonto.
“Sixolisa ngobuqotho ngokucekeleka phansi kwegama likaSaleng okungahlosiwe okudalwe yilawa mazwi omqeqeshi,” sifundeka kanje lesi sitatimende.
“Inhloso yethu ngaso sonke isikhathi ukukhuthaza indawo enhle nesekelayo kubo bonke abadlali bethu, abasebenza ngokuzikhandla ukumela ikilabhu yethu ngokuziqhenya nokuzinikela.”
I-Orbit College igcizelele ukuthi uSaleng useyilungu“eliyigugu leqembu nokuthi amagalelo akhe ayabonakala”.
Iqembu liphinde lavuma ukuthi ukuphawula komqeqeshi akusingathwanga kahle futhi lazibophezela ukuthi lizothuthukisa izindlela zalo zokuxhumana.
“Siyavuma ukuthi izitatimende ezenziwa esidlangalaleni kufanele zenziwe ngokucophelela ukuze kugwenywe ukuhunyushwa okungalungile noma ukulimaza ugama leqembu noma labadlali.
“Ukuqhubekela phambili, sizothatha izinyathelo zokuqinisekisa ukuxhumana okucabangelayo futhi nokushumayela ubunye, inhlonipho, nezingxoxo ezakhayo ngaphakathi eqenjini lethu.”
Iqembu likuqinisekisile ukuthi izingxoxo zisaqhubeka nazo zonke izinhlangothi, okuhlanganisa noSaleng, ukuxazulula lolu daba ngaphakathi.
FUNDA NALA | UMorgan Gould uhlonza abadlali abazovelela koweMTN8
Abaphathi bangeze ngokuthi okubalulekile kusewukukhula kwabadlali, ukubumbana kweqembu, nokuvikela igama le-Orbit College.
UMonnapule Saleng, okwamanje obolekiswe yi-Orlando Pirates, akakaphawuli esidlangalaleni ngale kulumo elumelayo ngaye.
