EzintshaOrlando Pirates

‘Bayilokhu ebesikudinga,’ kusho uHotto ngabasha kwiPirates

UDeon Hotto ungomunye wabadlali asebenezikhathi eside kuleli qembu laseSoweto futhi ulokhu eqhubeka nokusebenza okungaguquki.

Ukuzinikela kwakhe akungabazeki, yingakho elokhu engomunye wabadlali abaqala imidlalo ukuba ngaphansi kwabaqeqeshi abahlukene.

Lokhu kwenzeka ngisho eseguquliwe waba ngumdlali wasemuva kwesokunxele.

Lo mdlali waseNamibia ujoyine iPirates engumdlali wasophikweni ohlaselayo kodwa obengumqeqeshi wePirates uJose Riveiro wamshintsha, wamdlalisa emuva. 

Manje lo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala uphinde wabonisa izinga lakhe elihle esiza iPirates inqoba ngo 2-0 ihlula iChippa United emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili.

UHotto ugobele u-Evidence Makgopa elihle ibhola engaphakathi ebhokisini leChippa ukuze ashaye igoli lokuqala. 

Umdlali omusha u-Oswin Appollis uqhubekile nomthelela wakhe omuhle ngebhola alisike ngobuchule laze layogaxela enethini kwaba yigoli lesibili. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo aqokwe njengomdlali obevelele kuwo, ubuzwe ngabadlali abasha nangeqhaza labo selokhu kuqale isizini.

“Uyazi, sibonga nje ithimba labaqeqeshi nabaphathi bekilabhu ngokuletha laba badlali abasezingeni eliphezulu,” kusho uHotto. “Bayilokho esikufunayo.”

UDeon Hotto uzothemba ukuthi uzoqhubeka nomgqigqo wakhe futhi aphinde asize iPirates ithole amanye amaphuzu amathathu uma isihlangana neDurban City ngoMgqibelo. 

Ukuwina kwamaBhakabhaka kulo mdlalo kuzowenza agxume eqe iMamelodi Sundowns esicongweni selogi, bese eqhwakela okokuqala kule sizini.