Bafana BafanaEzintsha

UMokwena phambili kulayini wabafuna oweBafana

  • Intatheli yeLISENETHINI

Imibiko ikhomba ukuthi uRulani Mokwena, owayengumqeqeshi kaTau kuMamelodi Sundowns, useyalele iqembu lakhe elisha, iWydad Athletic, ukuthi lilandele lo mdlali onekhono. 

UMokwena, ohlale ekhuluma ngokuthanda kwakhe uTau, usanda kuveza isifiso sokuphinde asebenze naye. 

“UPercy Tau ukhethekile kimina,” uMokwena ucashunwe esho kanje intatheli yaseGhana uMickey Junior. 

“Kusengenzeka ukuthi angadlalela iWydad ngesizini ezayo. Uyazi ukuthi ngimthanda kangakanani futhi ngifuna ukusebenza ndawonye futhi.”

Isimemezelo sakamuva se-Al Ahly sokuthi sebevuleleke ngoTau sesivuse isasasa emaqenjini ahlukene.

Kodwa iWydad, ngaphansi kokuholwa nguMokwena, ibonakala izimisele kakhulu ukuthola usizo lwakhe.

UTau, osanda kuwina isicoco sakhe seshumi ne-Al Ahly, usalokhu eshisa izikhotha emakethe yokuhwebelana ngabadlali. 

Khonamanjalo, kubonakala mancane amathuba okuthi uMokwena ahlangane nomunye umdlali wakudala, uBongani Zungu. 

Lokhu njengoba uZungu kubikwa ukuthi uzimisele ngokubuyela e-Europe. 

Uma uTau eshintshela ku-Wydad, lokho kuzophawula isahluko esibalulekile emsebenzini wakhe osevele usezingeni eliphezulu.