
Wina ijezi elisha leqembu lakho neLisenethini!
I-Lisenethini iklomelisa abafundi bayo abathembekile ngethuba lokuwina ijezi elisha lesizini ka-2024/25 leqembu labo lebhola abalithandayo!
“Sibonga ukwesekwa okumangalisayo esikutholile, sijabule ukubuyisela kubafundi bethu,” kusho umhleli ongumsunguli we-Lisenethini, uSibongiseni “Sbongs” Gumbi.
“Okuhe kakhulu? Ungangena izikhathi eziningi ngendlela othanda ngayo ukwandisa amathuba akho okuwina!”
Umncintiswano uzoqhubeka kuze kube umhla umhla ka-31 kuSepthemba 2025, futhi ukungena kulula:
👉 Vakashela www.lisenethini.co.za
👉 Funda udaba uze ufike ekugcineni
👉 Gcwalisa ifomu elifushane ngemininingwane yakho
- Abawinile bazokhethwa wumshini ngokungenzeleli — ungaphuthelwa!
- Kunemigomo nemibandela, ifunde la ngezansi:
- Umncintiswano wokuwina ijezi weLisenethini – Imigomo Nemibandela
- Lo mncintiswano uvuleleke kubo bonke abafundi beLisenetini abahlala eNingizimu Afrika.
- Imingenelo ivalwa ngo-11:59 ebusuku ngomhla ka-31 Septhemba 2025.
- Ukuze ungenele, gcwalisa ifomu elisekugcineni kwanoma yiluphi udaba olushicelelwe ku: www.lisenethini.co.za.
- Abafundi bangangenela izikhathi eziningi ngokuthanda kwabo — ifomu ngalinye eligcwalisiwe libalwa ngokwalo.
- Abathathu abawinile bazokhethwa ngokusebenzisa uhlelo lomshini ozoziqokela ngokwawo nokungenzeleli futhi baziswe nge-email noma ngocingo.
- Abawinile ngamunye bazothola ijezi elilodwa leqembu labo. Umklomelo ngeke ushintshwe ube yimalo.
- I-Lisenethini inelungelo lokushintsha umklomelo ngento efanayo uma kunesidingo.
- Ngokungena, ababambiqhaza bayavuma ukuvumela uLisenethini ukuthi isebenzise amagama abo noma izithombe ngezinjongo zokuphromotha.
- Abasebenzi beLisenethini nemindeni yabo abavumelekile ukungenela.
- Isinqumo seLisenethini kuzo zonke izindaba ezithinta umncintiswano singujuqu.
- *Qaphela, leli jezi lizofika linombhalo weLisenethini ngemuva ukuze bonke abantu bazi ukuthi ungomunye wabafundi bethu abakhethekile.
