
Uyofuna isipiliyoni obolekiswa yiBucs kweleNFD
I-Orlando Pirates kulindeleke ukuthi ibolekise ngomunye wabadlali basemuva abasebancane abathembisayo ukuze bayothola amava.
Yize eseke waziqeqeshe neqembu elikhulu, uJabulani Mokone akakaze abonakale emidlalweni esemthethweni.
Futhi manje sekuvele ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala uzobolekiswa eqenjini elisazomenyezelwa elidlala kwiMotsepe Foundation Championship.
UMokone ungomunye wabadlali abagqamile eqenjini lePirates elidlala kwiDStv Diski Challenge kanti usevotelwe kabili eqenjini leCarling All Stars ngabalandeli.
Kodwa ukuthola kunzima ukungena esikwatini sikaJose Riveiro kwiPirates enkulu, lapho ebhekene khona nomncintiswano onzima kule ndawo adlala kuyo.
IPirates ivele ihlome kahle emuva kwesokudla lapho inoDeano Van Rooyen, Thabiso Monyane, Bandile Shandu noThabiso Lebitso.
Phezu kwalokho, kukholakala ukuthi iPirates isemizamweni yokuheha uThabang Matuludi wasePolokwane City ukuthi ayijoyine.
“I-Orlando Pirates iphothula isivumelwano sokubolekisa ngomdlali weqembu leDDC ogqamile wasemuva kwesokudla uJabulani “King Javela” Mokone eqenjini leNFD.
“Uzojoyina iqembu elisha kuleli sonto, isivumelwano sekuseduze siphothulwe,” ubhale umsakazi weSuperSport ophinde abe yintatheli, uKarabo Phasha ku-X kuleli sonto.
Abanye abadlali bePirates abahlomule ngokubolekiswa kwalolu hlobo muva nje kubalwa uThabiso Sesane, uBoitumelo Radiopane no-Azola Tshobeni.
