
AmaZulu nenkinga ngowaduma kwiChiefs ‘oxabane’ nomqeqeshi
Isigameko esingesihle lapho umdlali waMaZulu FC exabene nomqeqeshi u-Arthur Zwane singase siholele ekutheni lesi sihlabani sakudala seKaizer Chiefs sikhonjwe indlela.
AmaZulu asevele adedele idlanzana labadlali okubalwa kubo owayengukaputeni weKaizer Chiefs, uRamahlwe Mphahlele nowayengumgadli we-Orlando Pirates, u-Augustine Mulenga.
Abanye abadlali bakudala bePirates u-Abubaker Mobara noThembela Sikhakhane ngokunjalo noCelimpilo Ngema nabo kubikwa ukuthi badedeliwe yileli qembu elizinze eThekwini.
Manje iLisenethini isithole ukuthi uHendrik “Pule” Ekstein naye angase aboniswe afika ngayo ubudlelwano bakhe nomqeqeshi bungasebuhle.
Umthombo uveze ukuthi laba badlali ababili bakudala beKaizer Chiefs – u-Arthur Zwane noPule Ekstein – babe nokungqubuzana okuncane emdlalweni wokuzilolonga ngasekupheleni kwesizini.
“Bebedlala umdlalo wobungani kanti uZwane wabona ukuthi u-Ekstein ubengekho kuwo ngokwengqondo,” kusho umthombo.
“Ngakho wamthethisa, emtshela ukuthi umzimba wakhe sisenkundleni, kodwa ingqondo yakhe kuabonakala ukuthi ikwezinye izinkalo.
“Yilapho ke u-Ekstein aziphindiselela khona watshela umqeqeshi ukuthi yena useneminyaka engu-32 ubudala futhi unamava.
“Wathi ngakho ngeke kulindeleke ukuthi azikhandle ngokweqile emidlalweni yokuzilolonga…
“Kube yisigameko esingesihle, kodwa ngicabanga ukuthi yindlela umqeqeshi akhuluma ngayo kuye, emthethisa sengathi usengumfanyana omncane.
“Akazange akuthande lokho. Futhi kusukela lapho ubudlelwano babo bube muncu futhi ngeke ngimangale uma ededelwa,” kwengeza umthombo.
Khonamanjalo, iDiski Times ibika ukuthi AmaZulu anqume ukungazivuseleli izinkontileka zikamakadebona wasemuva uRamahlwe Mphahlele nomgadli u-Augustine Mulenga.
Usuthu lukhethe ukungavuseleli izinkontileka zalaba ababili eziphela ekupheleni kukaJuni.
Leli qembu elizinze KwaZulu-Natal kukholakala ukuthi libuyekeze isizini edlule ngaphambi kokuthatha isinqumo.
UMphahle oneminyaka engu-35 ubudala udlale imidlalo engu-17 kule sizini edlule kanti uMulenga, naye oneminyaka engu-35 ubudala, udlale kabili nje kuphela.
Kukholakala ukuthi lokhu kwenze isinqumo sokungabagcini laba badlali saba lula.
