AmaZuluEzintsha

AmaZulu alwela ukunyuka, iSiwelele sifuna ukubaleka izembe

Lo mdlalo uhlelelwe ukuqala ngo-3.30 ntambama kanti uthembisa ibhola elisezingeni njengoba womabili lamaqembu ewadinga amaphuzu – ngezizathu ezehlukene. 

AmaZulu awafunela ukunonkela aye phezulu kwilogi, kanti iSiwelele yona ifuna ukuqhela ezindaweni zezembe.

Usuthu belwenza kahle kuze kube luyakhubeka emdlalweni odlule la luhlulwe khona ngo 1-0 yiPolokwane City. 

AmaZulu ahlezi endaweni yesithupha kwilogi yeBetway Premiership, kanti ukunqoba kungase kuwakhuphulele emaqenjini amane aphezulu.

Umqeqeshi u-Arthur Zwane ukholwa ukuthi leli qembu lakhe likhombise ukukhula kule sizini ngendlel aelidlala ngayo.

Kodwa uyagcizelela ukuthi balahle amaphuzu obekungafanele nokuyikho okwenza bengabi semaqenjini asemjahweni wesicoco seligi njengamanje. 

UZwane ufuna abadlali bakhe bayinqobe yomithathu imidlalo esele ngaphambi kwekhefu le-Afcon nakuba evuma ukuthi kuzoba nzima, ikakhulukazi kulo weSiwelele.

Uxwayise ngokuthi iSiwelele asisadonsi kanzima njengasekuqaleni kwesizini futhi izobanika inselelo enzima. 

 “Uma ubheka ukuthi siyiqale kanjani isizini nokuthi sikuphi njengamanje, ngingasho ukuthi ngijabule kancane,” kusho uZwane.

“Sifuna ukuguqula izinto ngokuwina yomithathu imidlalo yethu esele ngaphambi kwekhefu le-Afcon. 

“Nokho, siyazi ukuthi ngeke kube imidlalo elula, ikakhulukazi koweSiwelele, eyiqembu elihlukile kuleli eliqale isizini lidonsa kanzima.”

ISiwelele ayihluliwe emidlalweni emine yeligi kanti kowokugcina ishaye iStellenbosch FC ngo 2-0 ngoNovemba 4.

Umqeqeshi uLehlohonolo Seema uthi babheke ukufaka ibanga phakathi kwabo namaqembu asendaweni yezembe ngaphambi kwekhefu. 

“Uma uhlola, siseyingxenye yamaqembu asezansi kwilogi, akunjalo? Uma nje siselapho, kusamele silwe. Wonke amaqembu angezansi kwethu awakaphephile.” 

  • Abophele kanje AmaZulu (4-4-2): Johnson – Radebe, Hanamub, Fielies, Mthethwa – Maqokolo, Ngcobo, Hlangabeza, Bern – Kabindu, Ekstein
  •  Ebhentshini: Mzimela, Dube, Mzobe, Zikhali, Thabede, Sithole, Mashego, Mathloko, Ngwenya