
AmaZulu akhathele ukuba yisigqila seStellies
AmaZulu FC asemkhankasweni wokuqeda ishobolo lemidlalo emihlanu enganqobi uma ebhekene neStellenbosch FC.
La maqembu aqhathwe emdlalweni weBetway Premiership ePrincess Magogo Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Umqeqeshi waMaZulu u-Arthur Zwane uzimisele ngokubhala kabusha umlando walo mdlalo phakathi kwezakhe neStellies.
Emidlalweni yabo eyisikhombisa edlule, AmaZulu awakwazanga ukunqoba nowodwa ebhekene naleli qembu laseCape Winelands.
Lesi yisibalo esibe wumthombo wokukhathazeka okukhulu eqenjini nakubalandeli balo. AmaZulu agcina ukushaya iStellies ngo-2022.
UZwane, othathe izintambo zokuqeqesha kuMaZulu ngesizini edlule, uvumile ukuthi leli rekhodi liyimbangela yokukhathazeka.
“Uma ngikhumbula kahle, emidlalweni eyisithupha edlule asizange sibashaye,” usho kanje lo mqeqeshi.
Uqhube wathi yize komunye waleyo midlalo badonsa kanzima, lena eminye yimidlalo ababengayinqoba kalula, kodwa balahla amaphuzu kuyo.
Nokho uZwane unethemba lokuthi umgqigqo uvuna iqembu lakhe ngaphambi kwalo mdlalo.
“Sinakho okumele sakhele phezu kwakho,” usho kanje. Ngesizini edlule, AmaZulu abenamaphuzu amathathu ngemuva kwemidlalo emihlanu.
Kule sizini aseqoqe amaphuzu ayisishiyagalombili njengoba esenqobe kabili adlala ngokulingana kwemibili, ahlulwa kanye emihlanu.
UZwane ufuna bayibambe kahle iStellies njengoba isazikhotha amanxeba ngemuva kokuxhashazwa yi-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8 ngempelasonto.
“Beza kithi belimele futhi befuna ukujika izinto. Ngakho kumele sikulungele lokho futhi sisebenzise ukuthi sidlalela ekhaya,” kwengeza uZwane.
FUNDA NALA | U-Appollis uveza owambuyisela ebholeni eselidubile
IStellies isike sayithela isibhaxu kuMaZulu kule sizini ngesikhathi iwawashiya ijezi emzuliswaneni wokuqala kwiMTN8.
Kulokhu, nokho, AmaZulu azobe enethemba lokuthi ukuba sekhaya nokudiikibala okuseqenjini leStellies kuzowabeka ethubeni elingcono lokuyibhuqizisa.
