Ezintsha

Akuyena uRulani kuphela owenze uMailula waya kwiWydad

  • Sibongiseni GUMBI

UMailula ubekwiFC Toronto kule minyaka emibili edlule kodwa wangakwazi ukungena eqenjini eliqala imidlalo.

Yingakhe egcine ecela ukubolekiswa, njengoba manje esekwiWydad azohlala kuyo unyaka kanti inelungelo lokumthenga uma ifisa.

UMailula usezophinde ahlangane nowayengumqeqeshi wakhe kwiMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, kwiWydad Athletic. 

Unethemba lokuthi uzokwazi ukuvuselela ibhola lakhe ngaphansi kobuholi bukaMokwena. 

“Ngikhethe iWydad AC ngezizathu eziningi ezibambekayo,” kusho uMailula.

“Okokuqala ngizoba ngaphansi komqeqeshi uRulani ongazi kahle nohlale ekholelwa ekhonweni lami. 

“Udlale indima enkulu ekuthuthukeni kwami ​​kwiMamelodi Sundowns.”

UMailula uphinde wagqamisa isithunzi seWydad Athletic njengomunye umthelela omkhulu esinqumeni sakhe. 

“I-Wydad iyiqembu elihlonishwayo,” kusho yena. “Ngesikhathi umqeqeshi uRulani engazisa ngezifiso zakhe nangombono wakhe wokuqopha umlando neqembu, ngivele ngazi ukuthi yisinqumo esifanele.”

Esinye isizathu esimqoka sokuya kwakhe kulezi zinkunzi zaseMorocco yithuba lokudlala kwiFifa Club World Cup ngonyaka ozayo. 

“Ithuba lokudlala kwiClub World Cup lihambisana nephupho lami lokuqhudelana nabadlali abahamba phambili emhlabeni.”

Ukuya kukaMailula kwiWydad kubonwa njengesinyathelo esibalulekile emsebenzini wakhe.

Yithuba lokuzibonakalisa njengomdlali kwiligi enkulu futhi enamaqembu amaningi aqinile. 

Ukuxhumana kwakhe noMokwena, nezifiso zeqembu, kwenza iWydad ibe yindawo ekahle kulo mgadli osemncane.

UMailula unethemba lokuthi uzoba nomthelela omkhulu kwiWydad futhi avuselele ibhola lakhe.