Ivuke ngomgadli onamava iDurban City
- Intatheli yeLISENETHINI
URuzaigh Gamildien usayine kwiDurban City FC ngemuva kokushiya isigubhukane iRoyal AM.
Ukuhamba kwakhe bekungalindelekile, njengoba ubekade eziqeqesha neRoyal AM, elungiselela isizini ezayo.
Nokho, izingxoxo zenkontileka zibhuntshile, okuholele ekutheni ashaye isishwaphana sakhe ahambe.
I-Royal AM beyinegunya lokwelula inkontileka yalo mgadli oneminyaka engu-35, kodwa izinkinga zemali ziphoqe ukuthi kwehlukanwe.
UGamildien usezodlala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo njengoba esesayine neDurban City ephethwe nguFarook Kadodia.
IDurban City inethemba lokuhlomula kumava kaGamildien njengoba ihlose ukunyukela kwiBetway Premiership ekupheleni kwesizini.
Ngesikhathi ekwiRoyal AM, uGamildien ushaye amagoli ayisishiyagalombili emidlalweni engu-36 kuyo yonke imiqhudelwano.
UGamildien angase adlale okokuqala kwiDurban City emdlalweni wayo wokuqala weligi ka-2024/25 lapho izobhekana khona neCasric Stars.
Lo mdlalo uhlelelwe uLwesihlanu, 23 Agasti, eChatsworth Stadium, eThekwini ngo-7:30 ebusuku.
Ezindabeni ezihlobene naleli qembu, owayengumgadli we-Orlando Pirates, uThamsanqa Gabuza, uzilolonga neDurban City.
Futhi angase aqedele isivumelwano sokusayina naleli qembu maduze.
Usihlalo weqembu uFarook Kadodia uthe umqeqeshi uSimo Dladla uzothatha isinqumo esingujuqu mayelana nokusayiniswa kukaGabuza.
OLUNYE UDABA: UBarker ubhoboka ngenxeba lokushiywa oRainers noVan Rooyen
“Kumele ngithole izwi (lokugcina) kumqeqeshi; usaziqeqesha neqembu,” uKadodia usho kanje kwabeFARPost.