EzintshaOrlando Pirates

Akusekhona ‘ukugwara’ lokhu okwenziwe yi-Arrows ku-Ouaddou

Kuvamise ukwenziwa amaqembu, abalandeli nabadlali ukukhuphula isasasa lemidlalo, futhi kwengeza isinongo kulo mdlalo. 

Ukugconana nokugudlana, ukugwara noma ukudelelana yinto esifana nesiko kwiBetway Premiership nePSL yonkana.

Kusukela kwiSoweto Derby kuya emidlalweni yezimbangi zaKwaZulu-Natal, ukuchukuluzana sekuphenduke isiko. 

Kodwa kunombuzo obucayi okufanele ibhola libhekane nawo: ingabe lokhu kujika nini kube wukwehlisa isithunzi somuntu noma ukuhlasela okungasafanele?

Umngcele usobala, kodwa ufiphele ngokuyingozi ikakhulukazi kule nkathi yezinkundla zokuxhumana la wonke umuntu enezwi lokusho akufisayo. 

Inhlonipho kufanele ihlale ibalulekile, ikakhulukazi uma kuziwa ekubukekeni noma izici zomdlali noma umqeqeshi.

Njengamanje kunento eshicilelwe yiGolden Arrows enesithombe esihlekisa ngomqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou.

Lesi sithombe siveze ikhala lalo mqeqeshi ngendlela eveza ukuthi ufana nekameli, futhi nombhalo ohambisana naso usho njalo.

Uma ikilabhu esezingeni elikhokhelayo noma abezindaba bayo beqala ukukhomba izici zomzimba — kungakhathalekile ukuthi isisindo, izinwele, isikhumba, noma izici zobuso — kusuke kusangekhona ukugudala, kusuke sekuwukudelela okwedlulele.

Inkinga ngokuhlaselwa komuntu ngezici zakhe

Ukungcofana kwangempela kwebhola kuvame ukuba ngokwenzeka enkundleni. Kugxile emgqigweni, amacebo okudlala, izindebe noma amaphutha enzekile. 

Uma abalandeli bePirates nabeChiefs begconana ngesomiso sezindebe noma ukuhlulwa kwakamuva, lokho kungumbango nje — kuyingxenye yokugwarana kwasebholeni.

Kodwa uma lokhu sekudlulela ekusebenziseni izici zomuntu siqu angeke akwazi ukuzishintsha ngaye, kusuke kungasahambi kahle. 

Kubukela phansi izimiso ezinqala zezemidlalo ezibeka phambili ubunye, ukungabandlululi, nenhlonipho. 

Okubi nakakhulu, kubhebhethekisa ukuhlukunyezwa futhi kwakha isidleke sokufukamela izimiso ezimbi zokuhlukumeza abathile ngezici abazalwa nazo. 

Ukugconana kuba kuhle uma:
  • Kwengeza isasasa.
  • Kusekelwe kwinhlonipho nokwazisana.
  • Kubonisa ukuncintisana, hhayi unya.
Nokho, kusuke kungasekuhle uma:
  • Kugcona ukubukeka komzimba womuntu.
  • Kufaka impilo yomndeni noma yomuntu siqu.
  • Kucwasa ngokobuhlanga, inkolo, noma imvelaphi.

Ukuze iBetway Premiership ikhule, amakilabhu — ikakhulukazi lawo anezinkundla zokuxhumana ezisemthethweni — kumele abe yisibonelo kubalandeli. 

Ukuncintisana kufanele kuhlale kushubile, kodwa futhi kufanele kube nobulungiswa.

Amahlaya namancoko ahlale emahle. Enza umncintiswano uhlale ushubile. 

Kodwa ngaphezu kwakho konke, kumele inhlonipho yomuntu ngamunye kungakhathaliseki ukuthi owakuphi — ihlale eqhulwini. Buka lesi sithombe ngezansi: