
Isibibithwane kuBroos kulimala isethenjwa sakhe
- Sibongiseni GUMBI
Uhlale obala umehluko wokuthi akasekho uThemba Zwane iBafana Bafana ibambana ngo 1-1 neCongo emdlalweni wokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations ngoLwesibili.
UZwane uphume esiwombeni sokuqala ngenxa yokulimala kanti ngemuva kwalokho iBafana ayikwazanga ukuhlanganisa iminyakazo ngendlela ebiyenza ngayo esekhona.
Futhi manje sekuvela izindaba ezingezinhle zokuthi lo mdlali weMamelodi Sundowns kungenzeka ahlale izinyangana impela engadlali.
Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos usezwakalise ukukhathazeka kwakhe ngalokhu kulimala kukaZwane ambalule njengomdlali omqoka eqenjini lakhe.
“Akubanga yinto enhle kithi ukuthi uThemba Zwane aphume ngenxa yokulimala,” kusho uBroos kwabeSABC Sport.
“Ulimale kabi, uthinteke umsipha ongenhla kwesithende futhi ngeshwa uzongadlali izinyangana impela.”
Ekuphumeni kukaZwane, kungene uPatrick Maswanganyi uBroos aseke washo phambilini ukuthi umbona engasivala isikhala sikaZwane ngokuhamba kwesikhathi.
Nokho kuvelile ukuthi akakazani kahle nozakwabo adlala nabo kwiBafana njengoba engakwazanga ukuba nomthelela obonakalayo emdlalweni.
“Ukuphuma komdlali obalulekile kuba nzima ikakhulukazi emdlalweni la imbangi izama khona ukunilawula ngoba uThemba umdlali okwaziyo ukugcina ibhola, ashaye nephasi enhle.
“Ubengasekho futhi mhlawumbe yingakho singadlalanga kahle namuhla,” kuqhuba lo mqeqeshi. Ukube iBafana inqobile kulo mdlalo, ngabe seyiyiqinisekisile indawo yayo kwi-Afcon elandelayo ezoba seMorocco ngoDisemba.
Kodwa manje sekumele iqoqe amaphuzu amathathu kule midlalo emibili esele ukuze izoyodlala eMorocco.
Izobhekana ne-Uganda ekuhambeni ngoNovemba 10, bese iba sekhaya ibhekene neSouth Sudan ngoNovemba 18.
UBroos akakhathazekile nokho ngokuthi kusamele balinde isikhashana ukuthola ukuthi bayaya yini eMorocco noma cha.
“Cha, ngisho ngoba sisesesimweni esifanayo (nangaphambi komdlalo). Sisadinga ukunqoba.
“Uma sinqoba kwi-Uganda noma kwiSouth Sudan, siyangena (kwi-Afcon),” kusho yena.
