EzintshaMamelodi Sundowns

Akukho simanga, kusho uMokwena ngokuhlangana neSundowns

I-MC Alger izosingatha iqembu lakudala likaRulani Mokwena, iMamelodi Sundowns emdlalweni olindelwe ngabomvu kaGroup B ngoLwesihlanu ebusuku. 

Kuzobe kungokokuqala ukuthi uMokwena abhekane neqembu lakhe lakudala selokhu alishiya isigubhukane eminyakeni ecishe ibe mibili edlule.

“Siqale amalungiselelo ngendlela ejwayelekile nawanoma yiyiphi imbangi,” kusho uMokwena esithangamini sabezindaba ngoLwesine. 

“Sibheke lapho iSundowns imandla nalapho inobuthakathaka khona ukuze sinike ulwazi olwanele – hhayi oluningi kakhulu – kubadlali ukuze bakwazi ukudlala kahle lo mdlalo. 

“Akuyona into ekhethekile. Nokho wumdlalo weChampions League – umdlalo onzima… Yonke imidlalo kulesi sigaba seChampions League inzima.” 

URulani Mokwena nokho uzobe ebheke ukunqoba kwiSundowns ukuze iqembu lakhe libuyisele umkhankaso walo endleleni ngemuva kokuhlulwa emdlalweni walo wokuqala. 

I-MC Alger ihlulwe ngo 2-1 yi-Al Hilal yaseSudan ngempelasonto edlule, kwathi iSundowns yashaya iSt Eloi Lupopo ngo 3-1 ekhaya. 

Ukuhlulwa okwesibili kulandelana kulo mqhudelwano kuzoziqansisa kakhulu izinto kuleli qembu likaMokwena.