
Isiyawusola umgqakazo kuNabi ngabadlali beChiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, useqala ukusibona isimo abhekene naso ngabadlali kuleli qembu.
Lo mqeqeshi usephinde wakugcizelela ukuthi uyabadinga abadlali abangcono kunalaba anabo njengamanje.
Lokhu ukusho kulandela ukuhlulwa kweChiefs ngo 1-0 yiCape Town City emdlalweni weBetway Premiership ngeSonto.
Bekungokwesine iChiefs ithola isibhaxu emdlalweni weligi kule sizini, okuyishiye isendaweni yesikhombisa kwilogi ngamaphuzu angu-15 emidlalweni engu-11.
UNabi nethimba lakhe labaqeqeshi bagcizelele kaningi isidingo sokuqinisa iqembu ngesikhathi sewindi lokudayiselana ngabadlali likaJanuwari.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uNabi ukuqinisekisile ukuthi imizamo iyaqhubeka yokuletha abadlali abangcono eNaturena.
Nokho ukugcizelele ukuthi akabasoli abadlali bakhe abakhona njengamanje.
“Kusobala uma ubheka isikwati esinaso ukuthi sinomuzwa wokuthi kunesidingo sokuqinisa iqembu.
“Kodwa asifuni ukuphonsa abadlali bethu ngaphansi kwebhasi sithi abalungile,” kusho uNabi kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Cha, bahle bona. Yingakho namuhla baseqenjini lethu, bangabadlali bethu.
“Kodwa kuwo wonke amawindi okudayiselana ngabadlali sizothatha ithuba lokuzama ukuqinisa iqembu.
“Ikilabhu kumanje isebenza kanzima ukuthola abadlali okungenzeka batholakale.
“Futhi sithemba ukuthi bazokwenza konke okungathuthukisa iqembu lethu.”
Iwindi likaJanuwari lisavuliwe kuze kube umhlaka-28, okunikeza iChiefs isikhathi sokwenza izinguquko.
