EzintshaOrlando Pirates

Kunconywa uHotto oyeke igoli ezwela obelimele

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, usencome uDeon Hotto ngesenzo sakhe esimangalisayo esikhombisa ubuntu.

UHotto ukhombise ubuntu kwezemidlalo ngesikhathi benqoba ngo 3-0 emdlalweni weCaf Champions League, behlula iStade d’Abidjan ngoMgqibelo.

Ngasekupheleni komdlalo, uHotto udedele ishodi elishaye uYann Zebre endaweni ebucayi. 

Njengoba uZebre ebelele phansi, esezinhlungwini, uHotto uqoke ukulikhipha ngaphandle ibhola esikhundleni sokuqhubeka nokuhlasela. 

Lesi senzo sishayelwe ihlombe ngumqeqeshi weStade d’Abidjan ngemuva komdlalo.

Nonozinti uDrissa Bamba, ubonakale eyobonga kuHotto, embambatha ekhanda ngokubonisa kwakhe ubuntu.

URiveiro naye usincomile isinqumo sika-Hotto, egcizelela ukubaluleka kokubeka phambili impilo yomdlali ngaphezu komdlalo. 

“Ngicabanga ukuthi umdlalo ungowabadlali, futhi uma uHotto ngaleso sikhathi enquma ukuthi kufanele simise umdlalo kufanele lokho. 

“Kwesinye isikhathi uba nomuzwa wokuqhubeka nokudalal ngoba usebhokisini lezitha,” kusho uRiveiro. 

URiveiro uthe ngeke afune ukubukeka sengathi udalula ukuthi uHotto ungumuntu onjani.

Kodwa uvumile ukuthi lesi senzo siyinkomba yomdlali okholelwa ekudlaleni ngendlela efanele ngaphansi kwanoma yiziphi izimo. 

“Kuyinto okufanele uyithokozele. Ngeke ngidalule uhlobo lomuntu uDeon ayilo kunoma ubani.

“Wonke umuntu kuleli kufanele ukuthi usemazi kahle uDeon Hotto.

“Futhi lobu obunye ubufakazi bokuthi ungumdlali owenza ubulungiswa kozakwabo nasezimbangini,” kuqhuba lo mqeqeshi oneminyaka engu-49 ubudala.

“Endaweni yokuncintisana enjengeyethu, ngezinye izikhathi sisebenzisa amagama amakhulu… 

“Kubonakala sengathi sikhuluma ngempi ngaphezu kwezemidlalo. Kumnandi ukubona izimo ezinjengalezi.

“Ekugcineni, bangabadlali bebhola, bayazana, futhi ngicabanga ukuthi bekuwubuntu lobu obenziwe uDeon.”