EzintshaOrlando Pirates

Isiphinde yashisa izembe kwababili i-Orlando Pirates

I-Orlando Pirates isiphinde yadedela abanye abadlali ababili njengoba kuqhubeka ukuhlelwa kabusha kweqembu kulezi ziqhwaga zaseSoweto.

Ngesonto eledlule, iPirates idedele umdlali wasesiswini uMiguel Timm nomdlali wasemuva osenesikhathi eside ekuleli qembu u-Innocent Maela.

UMaela, nokho, kulindeleke ukuthi athathe esinye isikhundla kuleli qembu ngaphandle uma esafuna ukuyodlala kwenye indawo.

Manje, ngoLwesihlanu ntambama amaBhakabhaka akuqinisekisile ukuthi uThabiso Monyane noPaseka Mako nabo ngeke besaba yingxenye yeqembu ukuya phambili.

UMonyane uphuma esikhungweni sekilabhu sokuthuthukisa amakhono kanti wakhushulelwa eqenjini elikhulu ngo-2019.

Phambilini ngawo uLwesihlanu, kuphume izindaba zokuthi abamele lo mdlali baxoxisana neKaizer Chiefs ngokuthi aye kuyo.

Sekuvele ukuthi yingoba iPirates ibisibakhombisile ukuthi ngeke iyivuselele inkontileka yakhe.

“Sivalelise kuPaseka Mako noThabiso Monyane,” kusho iPirates esitatimendeni esifushane esifakwe ezinkundleni zokuxhumana.

“Iqembu liyababonga ngokuzibophezela negalelo labo kwi-Orlando Pirates. 

“Sibafisela okuhle kakhulu ezahlukweni zabo ezilandelayo.” 

Njengoba iPirates kubikwa ukuthi isisayinise abadlali abangaphezu kwabayisithupha – nakuba kungakaqinisekiswa – baningi okulindeleke ukuthi bakhululwe. 

Leli qembu lifuna ukuhlanganisa  isikwati salo ngaphambi kokuqala kwekhempu yalo yokulungiselela isizini okulindeleke ukuthi iphinde ibe se-Europe.

Yize iqembu lenza izinguquko kubadlali, abalandeli babheke ngabomvu isimemezelo somqeqeshi omusha.

UJose Riveiro, owakhe kabusha i-Orlando Pirates yaba yiqembu elesabekayo, uyishiyile ekuqaleni kwale nyanga waya emadlelweni aluhlaza kwi-Al Ahly. 

Ukumenyezelwa komqeqeshi nabadlali abasha kulindeleke emasontweni ezayo, ngaphambi nje kokuba iqembu liqale ukuzilolongela isizini entsha.