Ezintsha

Luphele kabi usuku lwenjabulo oweGalaxy edunwa imoto

Obekumele kube wusuku nesikhathi senjabulo kumdlali wasemuva we-TS Galaxy, uLentswe Motaung, kuphenduke iphupho elibi ngemuva kokuba edunwe imoto qede walinyazwa kanzima.

UMotaung, oneminyaka engu-21 ubudala, kuthiwa udunwe imoto ngoMgqibelo ePolar Park, eThokoza, eGoli.

Kuthiwa imoto ubesanda kuyithenga futhi ubeyobonisa abangani nezihlobo ngesikhathi ehlelwa yilo mshophi.

Lo mdlali uthole ukulimala okukhulu ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, kanti kubikwa ukuthi usesibhedlela lapho ethola khona ukwelashwa.

Kubikwa ukuthi imoto yakhe emnyama, iVolkswagen Polo TSI, namanje ayikatholakali.

Le moto ibiyintsha sha futhi ibingakabhaliswa ngesikhathi edunwa yona.

Manje sekubhekwe kakhulu ekutheni uMotaung alulame kulokhu kulimala, njengoba ebesazakhela igama eqenjini elikhulu kwi-TS Galaxy ngesikhathi ehlelwa yileli lishwa.

Kucelwa abangaba nolwazi ngale moto noma labo abayidunile ukuba bathinte le nombolo ukusiza ophenyweni:  071 132 3563.