
Abaphathi beSpurs bakhulume nabadlali ngoMazinyo
- Intatheli yeLISENETHINI
ICape Town Spurs isiqinisekise abadlali ngekusasa lomqeqeshi u-Ernst Middendorp kulandela ukuqala kanzima kweqembu kwiMotsepe Foundation Championship.
UMiddendorp uyiqale kabi isizini, kanti le kilabhu ebidlala kwiBetway Premiership ngesizini edlule ingaphezulu ngephuzu eqenjini elisemsileni kulesi sigaba.
I-Urban Warriors inqobe kabili nje kuphela emidlalweni eyishumi yesizini ka-2024/25 kuze kube manje.
Seyihlulwe kahlanu, yadlala ngokulingana kathathu. Lokhu kuyishiye isendaweni ka-13.
Futhi sekususe ukuqagela ngekusasa likaMiddendorp, kodwa abaphathi beqembu sebesheshe bayisukumela leyo.
Ngokubika kwabeFARPost, babizele abadlali emhlanganweni ekuqaleni kwesonto bezobaqinisekisa ngokwenzekayo.
Kuthiwa babatshele ukuthi lo mqeqeshi onamava akakezukuya ndawo okwamanje ngoba basamethemba ukuthi uyakwazi akwenzayo.
UMiddendorp ufike kuleli qembu maphakathi nesizini edlule, engena endaweni kaShaun Bartlett iqembu liveze idonsa kanzima.
Wafika livele lilengele ezembembi, kwangathi izaba zakhe ziyasebenza ekuliqheliseni kule ndawo elalikulo.
Kodwa ekupheleni kwesizini ligcine lidliwe yizembe, kodwa abaphathi baqoka ukuqhubeka naye lo mqeqesho odume ngelikaMazinyo.
