
Muhle ‘umbango’ kaChisslett noSirino kwiChiefs kodwa…
Kukhona impi enhle ehlomayo esiswini maphakathi nenkundla kwiKaizer Chiefs – futhi kungenzeka ube wukhiye wempumelelo.
Umdlali omusha u-Ethan Chislett akachithanga sikhathi ukwenza ukuba khona kwakhe kuzwakale, kanti lokho sekuvuselele uGaston Sirino.
Laba bobabili babambene ngezihluthu bebanga indawo kaNo. 10 eqenjjini – le ndawo inikwa umdlali okunguye iqembu elithembela kuye uma kuyiwa phambili.
Abangaphakathi ekhempini yeChiefs baveza ukuthi ukulambela ukudlala kuGaston Sirino sekubuyile — futhi lokho kungenxa yokufika kuka-Ethan Chislett.
“Ungayibona ejimini” kusho umthombo. “USirino ubukhali manje, ulambile, futhi usebenza ngokuzikhandla kunangaphambilini.
“UChislett ufike evele elambele ukuzibonakalisa, futhi manje bobabili laba badlali bazolwela le ndawo.”
U-Ethan Chislett, ona-26, ujoyine iChiefs esuka kwiPort Vale yase-England futhi usesivezile isifiso sakhe sokuba yinjini yeqembu.
Kodwa uGaston Sirino ona-34, ofike evela kwiMamelodi Sundowns ngesizini edlule, akazimisele ukulahlekelwa yile ndawo yakhe engayilwelile.
“Lokhu kuhle eqenjini,” kwengeza umthombo. “Bobabili bafuna ukuba yinhliziyo yeqembu, benze izinto zenzeke.
“Lolo hlobo lokuncintisana ngaphakathi eqenjini kungaphushela iqembu phambili.”
Umqeqeshi oyinhloko uNasreddine Nabi uzoba nesinqumo esikhulu okuzomele asithathe uma kuqala isizini.
Ngabe uzoqhubeka noSirino, noma uzobeka amathemba akhe kuChisslett osenomdlandla nomfutho?
Abalandeli beChiefs bazobona ukuthi ngubani kubo ozodla le ndawo uma iqembu selibhekene neFC Utrecht emdlalweni wabo wesibili wobungani.
Lo mbango wasesiswini usanda kuqala — kodwa ungase ube nomthelela omkhulu kwisizini yeChiefs.
Kodwa ukuze usebenze kahle lo mbango, kuzomele uNabi awulawule ngendlela efanele, ungagcini uba mubi.
