EzintshaOrlando Pirates

UNcikazi uveza okuzozuzwa yiPirates koweBolton

Uthi lo mdlalo – i-Orlando Pirates ezobhekana kuwo neBolton Wanderers yase-England – uzobahlomisa kakhulu ngaphambi kwesizini entsha yeBetway Premiership.

AmaBhakabhaka azobhekana naleli qembu elidlala kwiChampionship yase-Engand eMarbella, eSpain, ngo-11 ekuseni. 

UNcikazi uthi ukugadulisana kwalamaqembu kuzobanika ukuqonda okubalulekile, kwazise iWanderers idlala ngokucindezela kakhulu phambili.

“Imbangi yethu icindezela phambili – into esiyilindele lukhulu kule sizini leyo ekhaya. 

“Lo mdlalo uzoba yisivivinyo esihle kakhulu kithina,” kusho uNcikazi ngesikhathi belungiselela lo mdlalo.

IPirates ifike eSpain kuleli sonto kanti isizongena kumalungiseleli esizini ashubile ngaphansi komqeqeshi omusha u-Abdeslam Ouaddou. 

Okugxilwe kukho, ngokusho kukaNcikazi, ukuqinisa iqembu ngokwemizimba, ubuchule namacebo okudlala. 

“Abadlali abasha beza kahle. Umqeqeshi uthola umuzwa ngesikwati sakhe. Kusasa sizobona ukuthi sidlala kanjani njengeqembu,” kwengeza yena.

I-Orlando Pirates izishaya isifuba ngabadlali abasha abayisishiyagalolunye, okuhlanganisa kubo u-Oswin Appollis, uSipho Mbule noTshepang Moremi. 

Abalandeli bazobe bemagange ukubona ukuthi laba badlali abasha beza nani ehhlukile eqenjini labo.

UNcikazi uthi ithimba labaqeqeshi lenze umsebenzi walo ngokuhlaziya iWanderers ukuze bakwazi ukuqhamuka nendlela yokudlala efanele.

“Sibahlaziyile. Ngiyathanda ukuthi abadlali bethu sebeqala ukuqondana kahle ngokweminyakazo yabo esekelwe esikweni lale kilabhu.”

Kubadlali abasha beBucs, lo mdlalo ungaphezu nje kokuzifudumeza — uyithuba labo lokuqala lokuziveza endaweni engenayo ingcindezi enkulu.

Ibophele kanje iPirates kulo mdlalo: 

Abaqalayo: Chaine – Shandu, Hotto, Sibisi, Mbokazi – Moremi, Mofokeng, Maswanganyi, Mbule, Nduli – Radiopane 

Ebhentshini: Buthelezi, Xoki, Seema, Ndaba, Selepe, Nemtajela, Kwayiba, Makgopa, Mabasa