
Abadede abaphathi, uNabi azisayinele – inkakha yeChiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, ungomunye wabaqeqeshi abazobe bebhekwe kakhulu njengoba kuzovulwa iwindi lokudayiselana ngabadlali maduze nje.
Lo mqeqeshi ukubeke kwacaca ukuthi akanabo abadlali abadingela ukwakha kabusha iqembu lakhe.
UNasreddine Nabi ufike kwiKaizer Chiefs ekuqaleni kwesizini esanda kuphothulwa ethwelwe ngeqoma.
Ufice iqembu selivele lisayine umdlali wasemuva wakwesokunxele uBongani Sam — umdlali ogcone engazange amsebenzise.
Nokho nguye osayine oRushwin Dortley, unozinti uFiacre Ntwari, uGlody Lilepo, uThabo Cele, noTasheeq Morris.
Ngaphandle kwalobu buso obusha, uMorris, ikakhulukazi, uthwale kanzima ngenxa yokuhluleka ukubamba umgqigqo nokulimala.
Manje owayeyisihlabani seKaizer Chiefs uDaniel Matsau ukholwa ukuthi uNasreddine Nabi kufanele anikwe igunya eligcwele lokuzithengela abadlali.
Uthi lena iyona kuphela indlela angakwazi ngayo ukulungisa izinto ngemuva kokuthi lezi ziqhwaga zaseSoweto ziqede ngaphandle kweTop 8 kwiBetway Premiership.
“Kudumazile ukubona iChiefs ingangeni emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu,” kusho uMatsau kwiKickOff muva nje.
“Ngethemba ukuthi abaphathi bazonikeza umqeqeshi isikhathi esengeziwe, nakuba ngazi ukuthi ngeke kube lula ukuthola bonke abadlali abafisayo.
“IChiefs isineminyaka idonsa kanzima ukuheha abadlali ebadingayo,” kuqhuba yena.
“Kungcono ukuthi umqeqeshi ahluleke ngabadlali azithengele yena ngokwakhe kunokuqhubeka nokusebenza ngabantu angabezwa kahle.”
UMatsau uvumile ukuthi uNabi uzamile ukuthola iqembu lakhe aqala ngalo imidlalo ngokunikeza cishe wonke umdlali ithuba.
Kodwa ugcizelele ukuthi umsebenzi wokwakha kabusha wekilabhu uncike ekutholeni abadlali abafanele nabafunwa umqeqeshi.
Abalandeli beKaizer Chiefs bazobe bebheke uNasreddine Nabi ukubona ukuthi angakwazi yini ukuletha abadlali abasezingeni elidingekayo ukuze kuguqulwe isimo seqembu.
Phela iChiefs kulindeleke ukuthi ifake inselelo enzima embangweni wesicoco seligi ngesizini ezayo.
UNabi usevele uke wakuveza ukuthi uhlela ukungenisisa emakethe. Muva nje ubeseTanzania la ebeyohlangana khona nomunye wabadlali abafunayo.
