
Izimbangi zeSoweto Derby ‘nothando olungajwayelekile’
- Intatheli yeLISENETHINI
Umdlali weKaizer Chiefs, uMfundo Vilakazi nowe-Orlando Pirates, uPatrick Maswanganyi bavule isahluko esisha ngombango weSoweto Derby ngokuzwana kwabo okumangalisayo.
Ngenyanga edlule uMaswanganyi ukhulume amazwi okukhuthaza lo mdlali waMakhosi ezinkundleni zokuxhumana.
Kule mpelasonto, uVilakazi naye ube esekhombisa uthando analo ngoMaswanganyi.
Ngemuva kokunqoba kweCarling All Stars, uVilakazi ungene ku-Instagram egqoke ijezi likaMaswanganyi.
Lo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala ucule ingoma edumile ethi “We Tito”.
Lobu bungani buqale ukunakwa ngemuva kokuhlulwa kweChiefs ngo 4-0 ibhekene neMamelodi Sundowns kwiCarling Knockout Cup.
UMaswanganyi ududuze uVilakazi ngomyalezo osuka enhliziyweni ku-Instagram: “Kuzolunga njayam’ khululeka”.
Ukuxhumana kwabo kuboniswe ngesikhathi kuziqeqesha iCarling All-Stars, laba bobabili babonwa bencokola futhi bezidlalela.
Lesi sibopho sanamuhla siphambene nombango oqinile wakudala ofana nowawuphakathi kukaBenedict ‘Tso’ Vilakazi noTinashe Nengomasha.
Laba bobabili babehlala endaweni eyodwa ngaseNaturana kodwa babengakhulumisani, ikakhulukazi ngaphambi kwemidlalo yedabhi.
“Bekushubile ngesikhathi sethu,” uusho kanje uVilakazi, owadlala kuPirates phakathi kuka-1999 no-2007.
“Sasingeke sibingelelane ngisho ukubingelelana,” kuqhuba uVilakazi ngokubika kweFARPost.
Umbango weChiefs nePirates usashubile, kodwa uVilakazi noMaswanganyi bakhombisa ukuthi sikhona isikhala sokuhloniphana nobungane.
