Ezintsha

⏰ISafa iphawula nge-VAR — Umsebenzi usezigabeni zokuqala

Sekunesikhathi abalandeli, amakilabhu, nongoti befuna lolu hlelo ukugwema amaphutha amabi nagcina enza lo mdlalo ube mubi.

Manje umnyango wonompempe kwiSafa — kanye nethimba elisemthethweni le-VAR Project Team — bakhiphe isitatimende esiqinisekisa ukuthi lolu hlelo lusezigabeni zalo zokuqala. 

Ngokusho kweSAFA:

  • Ukukhishwa kwe-VAR kuwumsebenzi omkhulu, ohlanganisa ukuthengwa kwempahla, ingqalasizinda, nokuqeqeshwa konompempe.
  • Ithimba leVAR Project elizinikele selisunguliwe futhi yilona kuphela isakhiwo esigunyaziwe ukukhipha ulwazi olusemthethweni ngalolu hlelo.
  • Azikho izithangami zabezindaba ezisemthethweni ezibe khona kuze kube manje, okusho ukuthi noma yiluphi ulwazi olukhona emphakathini njengamanje alukho emthethweni. 

ISafa inxuse umphakathi ukuthi ube nesineke futhi uthembele kuphela ekuxhumaneni okuqinisekisiwe okuvela kuyo.

“Ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uthola ulwazi oluyilo, sicela umphakathi ulinde izitatimende ezisemthethweni ezizokhishwa yi-Safa.”

Le nhlangano ithi izibuyekezo eziphelele zizokwabiwa ngezinkundla zokuxhumana ezisemthethweni ze-Safa uma kukhona okusha.

Okwamanje, iVAR isayisifiso nje ebholeni lakuleli — futhi kubukeka kusekude ukuthi isebenze emidllaweni yaseNingizimu Afrika.