
Zimb’indaba kwiMagesi – abadlali bahudula izinyawo?
Ngu-Alfred Ngubane
Sekuvele izinsolo ezimbi ngeqembu laseLimpopo, iMagesi FC eligible izimanga kwiCarling Knockout Cuo ngesizini edlule.
Leli qembu lamangaza abaningi linqoba le ndebe ngesizini yalo yokuqala lidlala esigabeni esiphezulu sebhola elikhokhelayo kuleli.
Nokho kuvela ukuthi izinkinga zaqala ngayo le ndebe njengoba izethembiso ezenziwa kubadlali ngayo zagcina zingafezekiswanga.
Kusolwa ukuthi usihlalo weqembu uSolly Makhubela ubhekene nengwadla uma engasilungisi isimo sezimali ngokushesha.
“UMakhubela wathembisa abadlali imali yamabhonasi uma benqoba iCarling Knockout Cup,” kusho umthombo.
“Nangempela abadlali balifezekisa iphupho lakhe, bayinqoba Carling Knockout Cup ngokushaya iMamelodi Sundowns kowamanqamu.
“Kodwa ngemuva kwalapho wathola imali qede wadumela ezintabeni njengezulu lasebusika.”
Lo mthombo uthi yikho lokhu okwaphoqa ukuthi nowayengumqeqeshi ngalesi sikhathi, uClinton Larsen aqoqe amasakana akhe ashiye isigubhukane.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Engakashiyi uLarsen, abadlali base beqalile ukudembesela ngokusho kwalo mthombo, kwaze kwaba ngcono sekulandwe u-Owen Da Gama.
Ngemuva kokuyivikisa izembe iMagesi, uDa Gama ube esekhululwa njengoba eseqeqesha eBotswana nje manje.
Kuqashwe uJohn Maduka ukucija leli qembu kanti izinto azihambi kahle, futhi lo mthombo uthi inkinga kuseyiyo le yangesizini edlule.
FUNDA NALA | Kuzosinda kwiChiefs nePirates kweyeCaf
IMagesi izobhekana naMaZulu FC emdlalweni wokugcina kweyomzuliswano wokuqala kwiCarling Knockout eMoses Mabhida ngeSonto ntambama – umdlalo uqala ngo-6.
