
Zibuyiselwe ejokeni ‘zikhathele’ zinjalo ezeSundowns
Izinkunzi zeMamelodi Sundowns azixolelwanga njengoba zibuyiselwe ejokeni kuleli qembu zibuya kweleBafana Bafana.
Umqeqeshi weBafana uHugo Broos uthe yena ngeke ayeke ukubasebenzisa ngisho emidlalweni yobungani abadlali baleli qembu.
Uthe iMamelodi Sundowns inabadlali abaningi abasezingeni ukuthi ingakwazi ukuphumuza laba beBafana bese iqhubeka inqobe.
Kodwa noma kunjalo uMiguel Cardoso naye uqgubekile nokubasebenzisa – waphumuza abambalwa.
IMamelodi Sundowns ibhekene neChippa United emdlalweni weBetway Premiership eLoftus Stadium ngoLwesihlanu ebusuku.
Kubadlali abaphunyuziwe nguKhulumani Ndamane kuphela ophunyuziwe.
ORonwen Williams, Aubrey Modiba noJayden Adams bayawuqala lo mdlalo ozoqala ngo-7.30 ebusuku.
OThemba Zwane, Teboho Mokoena, noKhuliso Mudau bona basebhentshini.
Uma iMamelodi Sundowns iwunqoba lo mdlalo, izokweqa i-Orlando Pirates bese ibuyela eqhulwini kwilogi.
Izobe seyishiya lezi zimbangi zaseSoweto ngamaphuzu amabili kanti bazobe sebelingana ngemidlalo.
Ibophele kanje iSundowns kulo mdlalo (4-3-1-2): Williams – Mdunyelwa, Modiba, Kekana, Cupido – Ntsabeleng, Allende, Adams – Santos – Mathews, Rayners
Ebhentshini: Onyango, Johannes, Mudau, Lunga, Mokoena, Zwane, Lethlaku, Leon, Mothiba
