EzintshaMotsepe Foundation Championship

BUKA: Ezingezinhle ngeDurban City ‘kuthethiswa’ umqeqeshi

Ukubonakala kukasihlalo weqembu, uFarouk Kadodia ‘ethethisa’ umqeqeshi uSimo Dladla yikho osekususe ukukhathazela. 

ILisenethini ihletshelwe ngabasondelene naleli qembu ukuthi basola ukuthi sekubuyile ukugxambukela emsebenzini womqeqeshi.

Lokhu bekulandela ukubonakala kukaKadodia ekhuluma noDladla ngemuva komdlalo la leli qembu lishaywe khona yiHighbury FC ngempelasonto.

Lo mphumela uphazamise kakhulu izinhlelo ze-Durban City zokunyuselwa kwiBetway Premiership njengoba kwehlise igebe ehamba ngalo phambili.

Manje seyiphambili ngamaphuzu ayisihupha kuphela emaqenjini ayihubhayo iCasric Stars, i-Orbit College neKruger United. 

Kule video, uKadodia ubonakala enengxoxo eshubile noDladla futhi abaningi bakholwa wukuthi bebenokungaboni ngaso linye. 

Omunye owake wasebenza kuleli qembu, ocele singamdaluli, uthe akumthusanga ukubona le video ngoba vele yinto yakhona endala kuleli qembu.

“Ukungahlonishwa, ukusolwa esidlangalaleni, ukudelelwa, ukuhlazwa,” kusho lo mthombo. “Kuyingxenye yezinto mina engingakaze ngibe naso isikhathi sazo futhi ngeke nje ngayimele.

“Lokhu akuthunazi nje isithunzi sakho kuphela, kukwenza uzenyeze..” 

Uqhube wathi njengoba sebeqalile bexakazisana esidlangalaleni umqeqeshi nabaphathi, sekungaba nomthelela omubi eqenjini. 

Nokho omunye umthombo uthe bekuwukukhuphuka kwemimoya nje ngemuva komphumela ongemuhle futhi yinto ephelele khona lapho. 

“Akusona isiqephu esingaze sithathelwe phezulu lesiya,” kusho lo mthombo. 

“Bekuyinto nje ejwayelekile uma umphumela ungahambanga ngendlela wonke umuntu abeyibhekile noma abefisa ngayo.” 

I-Durban City, ebiyaziwa ngeMaritzburg United phambilini isethubeni elihle lokubuyela kwiBetway Premiership ngesizini ezayo.

Kodwa lezi zinsolo zakamuva ziveza ukukhathazeka okukhona ngesimo esingaase sidunge umoya eqenjini. Buka ividiyo ngezansi: