
UZwane uveza ukumethemba uFohloza ‘ozithulelayo’
- Intatheli yeLisenethini
Abadlali beMamelodi Sundowns, baphoqeleka ukuthi basheshe bakudlulise ukuhamba isigubhukane kobengumqeqeshi wabo uRulani Mokwena.
Lokhu kuvezwe ukaputeni uThemba Zwane, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba kuleli sonto.
UMokwena waveza ukuthi abadlali beSundowns babekhala ngesikhathi bezwa ukuthi useyahamba.
ISundowns isicijwa oManqoba Mngqithi, ohola ithimba labaqeqeshi, elekelelwa oSteve Komphela noRomain Folz.
“Kusobala njengabadlali ngemuva kokubona lezi zindaba bekumele sikhuthazane,” kusho uZwane kwiSABC Sport.
“Kwadingeka sizame ukwesekana sodwa, sazi kahle ukuthi izinqumo ziyathathwa ebholeni futhi kumele sihloniphe isinqumo seqembu,” kusho uZwane.
“Ngazama ukukhuthaza abafana ukuthi ukushintsha komqeqeshi akusho lutho, sisafuna ukunqoba zonke izindebe esikhona kuzo.
“Ngokubona kwami ngathi umoya ukahle sisabambisene nje,” kuchaza uZwane.
‘UMshishi’ akalindele izinguquko eziningi kakhulu kubaqeqeshi abasha futhi uveze nokukwethemba okulethwa nguFolz eqenjini.
“Kithina sibona sengathi kukhona ukuqhubekela njengoba sibona sengathi singeza okuthile okuzosisiza kuyo yonke imidlalo esizoyidlala futhi sizame ukuthuthukisa iqembu.
“Kimina kuhle eqenjini, umqhudelwano udinga ukuba phezulu futhi sinezinsiza eziningi futhi siqembu elinothe kahlengoba siyazi ukuthi sizodlala imidlalo eminingi.
OLUNYE UDABA: Kulimele abamqoka kwiPirates, kubanjwe umoya ngoTimm
“Ngakho-ke, kuhle kithi. (UFolz) Ungumqeqeshi omuhle, ohlakaniphile futhi okwamanje usathule kodwa siyazi ukuthi ukuya phambili uzokhululeka,” kusho uMshishi.
