Kulimele abamqoka kwiPirates, kubanjwe umoya ngoTimm
- Sibongiseni Gumbi
I-Orlando Pirates seyiveze ukuthi kunabadlali bayo ababili abamqoka abangeke bedlale uma seyibheke neSuperPort United emdlalweni weMTN8 ngoMgqibelo.
EzikaJose Riveiro zizoqala umkhankaso wokuvikela le ndebe e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ebusuku.
Ithimba lodokotela beBucs lidalule kwi-Orlandopiratesfc.com ukuthi umdlali wasemuva uThabiso Lebitso uhoxisiwe kulo mdlalo ngemuva kokuhluleka ukululama ekulimaleni akuthola ngesikhathi bedlala ne-Al Sadd emdlalweni wokuzwana amandla eSpain.
Lo mdlali wasemuva osebenza kanzima walimala ngesikhathi edlaliswa kabi umdlali wasemuva uMusaab Khidir.
Ngenxa yalokho, ithimba lodokotela beBucs likuqinisekisile ukuthi uLebitso ulimele edolweni okukwenza angadlali okungenani izinyanga ezintathu.
Omunye owalimala kulo mdlalo ne-Al Sadd nguMiguel Timm osezohlolwa sekusondele umdlalo ukuthi ukulungele yini ukudlala.
Lo mdlali oneminyaka engu-32 walimala eqakaleni. UTimm nguye injini yePirates esiswini kanti egcina ngokungabi bikho, isikhala sakhe sizobonakala.
Nomgadli owaba nesandla ekutheni iPirates inqobe le ndebe ngesizini edlule, uZakhele Lepasa usohlwini lwabangeke bawudlale lo wokuqala.
Ukubuya kwakhe akukaqinisekiswa njengoba esanda kuhlolwa futhi kusalindwe imiphumela yalokho.
Nesitobha esiyisethenjwa sikaRiveiro, uTapelo Xoki asikalimali ekulimaleni esikuthole ngasekupheleni kwesizini edlule.
OLUNYE UDABA: Omele uNurkovic uphika eyokuchithwa kwesigwebo seRoyal AM
Uhlu olugcwele lwabalimele kwiBucs lume kanje:
- UPaseka Mako (idolo): Usephothule isigaba sakhe sokuhlunyeleliswa futhi usezoqala manje ukujima neqembu lonke. Kulinganiselwa kuSepthemba ukubuya kwakhe.
- U-Tapelo Xoki (idolo): Usengene esigabeni sokuhlunyeleliswa kabusha. Kubhekwe abuye ekupheleni kukaSepthemba 2024.
- UGoodman Mosele (idolo): Usemaphakathi nesigaba sokulungisa isimo. Kulinganiselwa kuNovemba ukubuya kwakhe.
- UZakhele Lepasa (iqakala): Usesesigabeni sokuhlunyeleliswa kanti isikhathi sokubuya asikaqinisekiswa.
- UBoitumelo Radiopane (umsipha wasesinyeni): Usesigabeni sokuhlunyeleliswa komsipha. Ukubuywa kwakhe akukaziwa okwamanje.
- UBandile Shandu (iqakala): Usemaphakathi nesigaba sokuhlunyeleliswa komsipha. Kubhekwe abuye maphakathi noSepthemba 2024.