
Ugeze igama, wasindisa iChiefs ehlazweni uChivaviro
- Sibongiseni GUMBI
URanga Chivaviro ubeseqalile ukuba nyamanambana kubalandeli beKaizer Chiefs eMbombela Stadium ngesikhathi egeza igama, eyihlangula emlilweni weTS Galaxy.
UChivaviro ubehlulwe amathuba ambalwa abebukeka elula, waze wagcina esebonakala efanelwe ukukhishwa.
Kodwa kuthe sekusele umzuzu owodwa umdlalo uphele, washaya igoli lokulinganisa, nelenzwe kwacazelwana amaphuzu.
IGalaxy beyikade ihambe phambili ngomuzuz ka-35 ngegoli likaSamukelo Kabini futhi beyizitshela ukuthi seyiyoze inqobe ngalo.
Kodwa mhalwumbe iGalaxy kuyomele izisole yona ngokuvumela iChiefs ibuye kulo mdlalo kade seyiwuphethe.
Unozinti wayo uTape Ira uke washaya ezikaChipezeze ezitshela ukuthi sebevele banawo ephaketheni amaphuzu aphelele.
Kodwa ke uChivaviro ube eselufaka unyawo lwedada, wabuyisa isithunzi sakhe kubalandeli baMakhosi.
Lo mphumela usindise iChiefs ehlazweni lokuhamba imidlalo emibili kulandelana ithola induku.
Emdlalweni odlule yayishaywe yiPolokwane City, kanti ngaphambi kwalokho yayibambane neRoyal AM.
