AmaZuluEzintsha

UZwane uveza icebo abazolilandela ukuqinisa AmaZulu

Nokho ukubeke kwacaca ukuthi ngeke bagijimele ekuthengeni abadlali ngaphandle kokucphelela nokubheka ukuthi bayikho yini okudingekayo eqenjini.

UZwane ukusho lokhu ngemuva kokuhlulwa koSuthu ngo-3-2 ngesikhathi esengeziwe yiStellenbosch kwiMTN8 ngeSonto. 

Bekuwumphumela odumazayo kuMaZulu lona kwazise abenamathuba anele okuwina umdlalo ngesikhathi esijwayelekile. 

Ubuzwe ukuthi kungenzeka yini aqinise iqembu ngaphambi kokuba kuvalwe iwindi lokudayiselana ngabadlali.

UZwane akazange awuchithe lowo mbono, kodwa wagcizelela ukuthi noma yikuphi ukwengezwa kufanele kucatshangisiswe kahle.

“Kuzoncika ezintweni ezithile,” kusho uZwane. “Asifuni ukulanda nje abadlali ngenxa yokuthi singakwazi ukukwenza lokho. 

“Kumele sibhekisise ukuthi yini esiyidingayo bese sisebenzela phezu kwalokho.”

Lo mqeqeshi ukhathazeke kakhulu ngobuthakathaka abanabo emuva obubangele ukuthi iqembu lakhe lingenelwe amagoli amathathu.

Uvumile ukuthi iqembu belingenza kangcono kakhulu emuva.

“Asizange sivale kahle emuva. Singenelwe amagoli amathathu — okuyinto okumele siyibheke. 

“Kodwa ngakolunye uhlangothi, sakhe amathuba amaningi, okuyinto ekhuthazayo.”

Naphezu kokudumala, uZwane ugcizelela ukuthi abaqeqeshi basenethemba ngeqembu abaliqoqile futhi abafuni ukulishintsha ngenxa yomphumela owodwa.

“Umdlalo owodwa ngeke usishintshe indlela esizizwa ngayo ngabadlali esinabo,” kuchaza yena. 

“Sizohlola, sibone ukuthi yini edingekayo, futhi uma umdlali ofaneleka etholakala, sizothatha isinyathelo. Kodwa kusasekuqaleni kwesizini,” kuphetha yena.

AmaZulu manje asebheke ukuqala imidlalo yeBetway Premiership, lapho uZwane ezobe enethemba lokuthi abadlali bakhe bazobonisa ukusebenza kahle.

Usuthu luzoqala umkhankaso weligi ngokubhekana ne-Orbit College ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO