Ezintsha

UZipho Dlangalala akamangalanga Amajita ‘eshaya ijika’

Elakuleli lishaywe kanzima yiColombia ngo 3-1 emdlalweni wesigaba sokuqala somkhumulajezi kulo mqhudelwano oseChile. 

Yize ligcine ligobile uphondo kuleli qembu likaRaymond Mdaka, lidlale kahle futhi lashiya abaningi benethemba lokuthi lizokhula.

Kodwa uZipho Dlangalala akakuboni kwenzeka lokho, ikakhulukazi uma amaqembu amancane enganikwa izinsiza nezimanelo zokuzilungiselela kahle.

“Labo abangakaze basebenze ebholeni lomhlaba, kungaba sezingeni lekilabhu, noma eqenjini lesizwe, ngizobaxolela,” kusho uDlangalala kwiLisenethini.

“Kodwa ngisasho namanje, amaqembu – abadlali nabaqeqeshi – thina njengeNingizimu Afrika esibathumela eziNdebeni zoMhlaba bayizisulu nje.

“Asinalo uhlelo lokuzilungiselela – kunoma yiliphi izinga le miqhudelwano kodwa ikakhulukazi uma sekusondele umqhudelwano. 

“Sithembela emqondweni wobugebengu wokufuna imiphumela – okuyimali – ngaphandle kokufaka amandla noma umsebenzi ofanele. 

“Imiphumela ihlezi ifana kunoma yiliphi izinga, kodwa akukho okushintshwayo,” kuchaza yena.

Ube eseyivala ngokucaphuna uSolwazi odume umhlaba wonke u-Albert Einstein: “Uma uhlezi uphindaphinda into ohlezi uyenza, uzohlezi uthola lokhu ohlezi ukuthola.”