EzintshaOrlando Pirates

‘Uze nenye’ u-Ouaddou ebophela elizobhekana neLupopo

IPirates iya kulo mdlalo wecaf Champions League ilandela ngemuva ngo 3-0 eshaywe ngawo ekuhambeni ngempelasonto edlule.

Kudingeka inqobe ngo 4-0 kuya phezulu ukuze ikwazi ukudlulela esigabeni samaqoqo. 

Omunye umphumela ongaba ngcono wukuthi inqobe ngo 3-0, bese kuyokhahlelwa amaphenathi izame ukunqoba khona. 

Njengoba lo mdlalo umqoka kanje futhi kufuneka inqwaba yamagoli kuwo, u-Ouaddou uwuqala ngaphandle kwabagadli. 

Phambili ubiphele abadali abathathu okungoTshepang Moremi, Patrick Maswanganyi no-Oswin Appollis okunguyena okubukeka ezoba ngumgadli kulo mdlalo. 

UTshegofatso Mabasa noYanela Mbuthuma bona baqale ebhentshini kanti kungenzeka bafakwe uma izitobha zeLupopo sezikhathele kade zigijinyiswa u-Appollis noMoremi. 

Ngokokuqala lo mqeqeshi elisethe ngale ndlela iqembu lakhe kusukela efikile kwiPirates, kodwa ke usevele uyethenjwa ngokuqhamuka namacebo uma kunzima. 

Lo mdlalo use-Orlando Stadium kanti inkundla izogcwala phama njengoba amathikithi awo edayiswe wonke aphela. 

  • Ibophele kanje iPirates: Chaine – Sebelebele, Hotto, Seema, Mbokazi – Mbule, Nemtajela, Nduli – Maswanganyi, Moremi, Appollis.
  • Ebhentshini: Buthelezi, Sibisi, Ndaba, Lebitso, Mariko, Dlamini, Dansin, Mbuthuma, Mabasa