
UYoussef uhlonza indawo efanele uMfundo Vilakazi kwiChiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uKhalil Ben Youssef useveze indlela abafisa ukusebenzisa ngayo uMfundo Vilakazi eqenjini labo.
Ufunge ngokuthi lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala unekhono ngokwanele ukuthi engadlala ezindaweni ezehlukene.
Uthi ngaphezu kwendawo ayidlalayo njengamanje ophodweni esiswini, kodwa engakwazi nokudlala maphakathi – abe nguNombolo 10.
UMfundo Vilakazi ukhombisa ukwehlelwa yifomu emasontweni edlule, kanti lokho sekwehlise isikhathi sakhe sokudlala.
Kodwa lo mdlali osemncane useyingxenye ebalulekile yezinhlelo zethimba labaqeqeshi baMakhosi.
UYoussef, obambisene noCedric Kaze, ukugcizelele ukuthi uVilakazi ungomunye “wabadlali abahamba phambili” eqenjini.
UKUDLALA IZINDAWO EZEHLUKENE
Inkulumompikiswano mayelana nendawo engcono kakhulu kaVilakazi iyaqina njengoba Amakhosi efuna ubukhali uma ehlasela.
UYoussef uphakamisa ukuthi lo mdlalo oteketiswa ngelika-Obrigado, usezingeni elifanayo noGaston Sirino noMduduzi Shabalala.
“UMfundo Vilakazi angakwazi ukudlala zombili lezi zindawo, angadlala njengomdlali wasophondweni futhi angakwazi ukuhlanganisa iqembu,” kuchaza uYoussef.
Lokhu ngokwakho kusho ukuthi uVilakazi wengeza izinketho kubaqeqeshi beChiefs kwindlela abangahlasela ngayo.
Yilaba abadlali nokho azobanga nabo uma kushintshwa indawo adlala kuyo, ebuyiselwa maphakathi nekundla.
- UMduduzi Shabalala: Nguye obeyisethenjwa kule ndawo kule sizini kodwa usahlulekile ukuyenza eyakhe ngokugcwele.
- UGaston Sirino: Nguyena onamava, kodwa kubukeka iqembu selifuna omunye ozongena ezicathulweni zakhe.
- Ethan Chisslett: Akakaze anikwe ithuba lokudlala kodwa ukuthi abaqeqeshi sebefuna ukuzama uVilakazi kule ndawo ekhona kusho lukhulu ngaye.
Ophndweni nakhona unabo abadlali abanga nabo futhi kule ndawo kubukeka kunzinyana impela kuye.
- UGlody Lilepo: Uyena owenza kahle kakhulu ophondweni kwiChiefs njengamanje.
- UPule Mmodi: Wenza kahle, kodwa naye usolwa ngokungasizi ikakhulukazi ekuqedeleni amathuba phambili.
ISIZINI YOKUPHAKAMA
UMfundo Vilakazi ubebhekwe kakhulu kule sizini futhi unikiwe ithuba — ikakhulukazi kwiCaf Confederation Cup edlale khona imidlalo emine.
Kodwa akubukeki elisebenzise kahle ithhuba ngoba abaqeqeshi basamncisha namanje imidlalo ikakhulukazi kwiligi.
Lo mdlali osemncane udlale imizuzu eyisishiyagalolunye bebhekene neZamalek, kanti uzobheka ukwakhela kuwo.
Njengoba sekusele iligi kuphela, ingcindezi isethimbeni labaqeqeshi ukuthola “iqembu elifanele” umdlalo ngamunye.
Ukuphawula kukaYoussef kusikisela ukuthi uMfundo Vilakazi akabethelwe endimeni eyodwa futhi kungenzeka anikwe ithuba kwenye.
FUNDA NALA | UJwara usola ukushuba kwesimo ekhempini yePirates
Kodwa-ke, ukuze u-Obrigado athole indawo yokuqala kufanele akwazi ukubamba umgqigqo futhi abe nomthelela kunoma yiyiphi indawo azodlaliswa kuyo.
Futhi lokho kufanele kuqale ngemidlalo esezingeni eliphezulu esele kwiBetway Premiership.
Umdlalo olandelayo waMakhosi izobhekana kuwo neStellenbosch FC ewafuna la amaphuzu eFNB Stadium ngoLwesibili ebusuku.
