EzintshaOrlando Pirates

I-Orlando Pirates nesimemezelo ngamathikithi edabhi

Umdlalo omkhulukazi ebholeni laseNingizimu Afrika ususondele, kanti i-Orlando Pirates seyikhiphe isimemezelo ngokudayiswa kwamathikithi.

I-Orlando Pirates isiyiqinisekisile imininingwane yalo mdlalo obhekewe ngabomvu la izobhekana khona nomkhaya bayo iKaizer Chiefs.

Lo mdlalo uzokuba ngeSonto, mhla ka-26 kuMbasa kanti uzoba seFNB Stadium njengenjwayelo.

Uhlelewe ukuba uqale ngo 3 ntambama, kanti amathikithi aqalile ukudayiswa kusukela ngoMsombuluko womhla ka-30 kuNdasa.

Abalandeli bayanxuswa ukuthi basheshe bawathole kusenesikhathi ukuze bagweme ukudumala.

Amathikithi atholakala kuphela nge-Myticket APP (etholakala kwiGoogle App Store ne-iStore).

Abalandeli bangawathenga futhi nakwi-inthanethi ngalesi sizindalwazi: www.myticket.co.za.

Amathikithi kulindeleke ukuthi adayiswe aphele ngokushesha njengoba kwenzekile nasemdlalweni wokugcina.

Emzuliswaneni wokuqala, amathikithi athengiswe aphela kungakapheli ngisho amahora amabili.