
IStellies ingachitha izishebo, kuphele umcimbi eMabhida
- Sibongiseni GUMBI
Akungabazeki ukuthi iningi labalandeli eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ntambama lizobe lihamba ne-Orlando Pirates.
Kodwa iStellenbosch FC izobe ingazele ukuzodunusa, ithole uchatho kulo mdlalo wamanqamu weMTN8 – iyimbangi efanele nengachitha izishebo.
Inawo amandla okushaqisa i-Orlando Pirates, bese ikhale imuke nendebe, ishiye kukhalwa eMoses Mabhida.
Yize iPirates iyizintandokazi, iStellenbosch ibonakala iyimbangi enzima emaqenjini amakhulu, futhi inakho okudingekayo ukugila amaBhakabhaka igoda.
Amandla amakhulu eStellenbosch wukuqona kwayo emuva. Umqeqeshi uSteve Barker ulihlanganise kahle iqembu lakhe emuva.
Ubufakazi balokhu wukuthi iMamelodi Sundowns yazama yancama emidlalweni eyandulela owamanqamu yagcina ingashayanga nelilodwa igoli.
Ikhono labo lokwamukela ingcindezi uma behlaselwa lingayikhathaza iPirates, igcine seyitatazela.
Ngabadlali abasheshayo abafana noDevin Titus noBoy De Jongh, ingakwazi ukuthi izumise, ishaye igoli bese ivala thaqa emuva.
I-Orlando Pirates ijwayele ukuphushela abadlali bayo basemuva phambili, ishiya izikhala iStellenbosch engazisebenzisa.
Uma iStellies ingakwazi ukuthi uma ithola ibhola emuva bese ihlasela ngokushesha, ingayijezisa iPirates.
IPirates inokuba buthakathakana obucashile emuva, ikakhulukazi emabholeni abekwe phansi.
Uma iStellies ingaphoqa amakhona nama-free-kick, ingakwazi ukudla ngaleyondlela.
Ngokwemiqondo, abadlali beStellies badinga ukukholelwa ekutheni bangawina – futhi lokhu akungabazeki.
Ukuya kowamanqamu ngomqondo ofanele kubalulekile. IPirates inolwazi oluthe xaxa kowamanqamu.
Kodwa iStellies ingasebenzisa isimo sayo sokuthi ivele ayibhekiwe futhi akukho okuzoyilahlekela uma ihlulwa ukuthi idlale ngaphandle kokwesaba.
Uma iya emdlalweni ngokuzethemba futhi izimisele, ingamangaza wonke umuntu.
Ukumosha umcimbi wePirates, iStellies kumele ihlale ihlangene, ihlasele ngokuzumisa futhi ibe bukhali emabholeni abekwe phansi.
Kungumsebenzi onzima, kodwa ikhombisile ukuthi iyakwazi ukuncintisana kuleli zinga.
