Ezintsha

UCheeseboy ugonyuluke ngosizi ababhekana nalo kwiSwallows 

Isithombe sikaLebogang “Cheeseboy” Mokoena ekhala ngesikhathi eqeda ukusiza iMoroka Swallows ibuyele esigabeni esiphezulu sebhola elikhokhelayo kuleli asisobe salibaleka. 

UMokeona wayengukaputeni ngesikhathi iMoroka Swallows, eyayibizwa ngeSwallows FC ngalesi sikhathi inqoba iNational First Division eminyakeni emine edlule. 

Wavele wakhihla isililo, egakwe yinjabulo ngesikhathi bebekwa njengpmpetha balesi sigaba, okwabanika ithikithi lokuyodlala esigabeni esiphezulu. 

Le mpumelelo yayisho ukuthi ube besandla ekubuyiseni elinye lamaqembu anomlando omude ebholeni lakuleli lapho lifanekele ukuba khona. 

Kodwa lezi zinyembezi zenjabulo, zagcina ziphensuke ezosizi njengoba agcina eshiye kuleli qembu ngaphandle kokuvaleliswa noma ukuhlonishwa ngeqhaza lakhe. 

Lokhu kwakulandela ukuthi ehambe esephenduke iqaqa kubaphathi ngoba elwela amalungelo abadlali. 

Ekhuluma kwiGame On yeRadio 2000 kuleli sonto, uMokoena uveze amahlazo ayenzeka kuleli qembu. 

Uthe abadlali bake banikezwa amadokhyumenti okwakumele bewasayina achaza ukuthi uma belimala noma befa, iqembu alihlangene nalokho. 

“ISwallows yasinika amadokhyumenti ayethi ikilabhu ngeke ingene uma kukhona olimala ejimini,” kusho uMokoena. 

“Yathi uma kwenzeka sisebhasini bes ekuba nengozi kube khona abashonayo, iqembu alingene lapho.

“Abadlali bengayisayina kanjani into enjalo,” kuqhuba lo mdlali owazakhela igama kwi-Orlando Pirates.