
Ezintsha ngoLorch ongekho ezinhlelweni zeSundowns
Kubikwa ukuthi uThembinkosi Lorch usezobuyela kwiWydad Casablanca, kanti izinkomba zithi isivumelwano sizophothulwa maduze.
Kuvela ukuthi uzojoyina ngenkontileka yonyaka, enombandela wokwengeza omunye unyaka. Nokho akucaci noma esokudayiselana noma usazophinde abolekiswe.
ULorch usenenkontileka esasalelwe yiminyaka emibiki kwiMamelodi Sundowns, ayijoyine esuka kwi-Orlando Pirates kumasizini amabili edlule.
Izindaba zokuthi ubuyela eMorocco ziza ngemuva kokuthi lesi sihlabani senze kahle kwiWydad ngesikhathi sibolekiswe kuyo ngesizini edlule.
ULorch ube nomthelela omkhulu ngesikhathi sakhe nalezi ziqhwaga zaseMorocco.
Uhlabe umxhwele kwiBotola Pro League nasesiteji somhlaba wonke kwiFifa Club World Cup, lapho ashaya khona igoli elikhumbulekayo bebhekene neJuventus.
Ukudlala kwakhe kahle akugcinanga nje ngokudonsa amehlo abaphathi beWydad kodwa namanye amaqembu kuthiwa abemhalela.
Nokho awase-Europe kuthiwa ajikiswe yiminyaka yakhe – uneminyaka engu-31 manje – ngesikhathi esethi azozama ukumthenga.
Ukubuyela kwakhe eMorocco kuyamangaza kwazise bekunemibiko yokuthi ubengaphathekile kahle kwiWydad.
FUNDA NALA | USilva weChiefs akayena eLewandowski kodwa…
Nokho eyakamuva iveza ukuthi uLorch ubejabule futhi echuma eCasablanca – okubonakalile nasendleleni abedlala ngayo.
ULorch kuthiwa wazisiwe ukuthi akekho ezinhlelweni zabaqeqeshi kwiSundowns kule sizini futhi akazange azibandakanye neqembu ngesikhathi lilungiselela isizini.
Lo mdlali ubezijimela yedwa kusukela ebuyile eMorocco ekupheleni kohambo lweWydad kwiClub World Cup.
