EzintshaMamelodi Sundowns

Sekuqondile: IMamelodi Sundowns isilibangise eMorocco 

Sekube nezindaba ezinhle kubalandeli be-Mamelodi Sundowns njengoba ibheke emdlalweni obalulekile kule mpelasonto.

Ngemuva kokukhathazeka kulandela ukungatyitholi imvume yokungena kuleliya zwe, leli qembu seligcine lisukile kuleli.

Lokhu kulandela ukuthi imvume yalo yokungena ngendiza eMorocco isigunyaziwe.

Izinkinga zokuhambela leliya zwe bezidale ukukhathazeka kubalandeli bebhola ezwenikazi lilonke.

Bekunokwesaba ngokuthi ukubambezeleka kwezinhlelo kungase kuphazamise amalungiselelo alo mdlalo wamanqamu weCaf Champions League.

Ezinye ezinhle ngezokuthi nabalandeli be-Mamelodi Sundowns abebengazitholi izincwadi zemvume yokungena eMorocco, bagcine bezitholile.

ISundowns manje isizokwazi ukugxila ngokugcwele ekulungiseleleni lo mdlalo wasekuhambeni okulindeleke ushube kakhulu.

Labo mpetha baseNingizimu Afrika bathwele amathemba abathandi bebhola abaningi base-Afrika njengoba belwela le ndebe.

I-Mamelodi Sundowns isethubeni elihle njengoba ihamba phambili  ngo 1-0 kulo mdlalo.

Isizodinga nje okungenani ukudlala ngokulingana ukuze inqobe isicoco sayo sesibili seChampions League.