
Imenenja ‘ivikela’ uSipho Mbule kweyobuhlongandlebe
USipho Mbule akanaqembu njengamanje, kanti kubukeka kungezukuba lula ukulithola ngenxa yezinto ezibikwa ngaye.
IMamelodi Sundowns ayizange iyivuselele inkontileka yakhe.
Leli qembu bekumele likwenze lokho ngaphambi kukaMeyi 31 kodwa alikhombisanga ntshisekelo. USipho Mbule uchithe isizini edlule ebolekiswe kwiSekhukhune United.
Manje, imenenja yakhe uMike Makaab isiphendulile ngamahlebezi angemahle ngaye.
Ikhulume ngemibiko emayelana nezinsolo zobuhlonganndlebe bukaMbule.
Izigameko ezimbili ezenzeke ekwiSekhukhune zibe sematheni, esinye sazo asheshe achithwe.
Kodwa uMakaab uthi okuningi okushiwo ngalo mdlali akulona iqiniso.
“Okudabukisayo ukuthi kungamanga,” kusho uMakaab engxoxweni abe nayo neSoccer Laduma.
“Uma umdlali esemakiwe, ulandelwa yizinto ezimbi.” Wengeze ngokuthi abadlali abadume kahle bayavikelwa.
“Kodwa labo ababonwa njengamahlongandlebe bahlale bevezelwa izwe uma beke benza kabi.”
UMakaab uvumile ukuthi uSipho Mbule akayoa ingelosi, wathi kodwa imibiko yakamuva ngaye iyadukisa.
“Okushiwo ngaye kushiya imibuzo eminingi,” kuqhuba yena. Ukhethe ukungangeni emininingwaneni ngalokhu.
“Uma ngenaba kukho, ngizobe sengifaka abanye abantu kukho,” kusho uMakaab.
Le menenja esisebenze ebholeni iminyaka engu-28, igcizelele ukuthi uMbule uhlulelwa ngokungafanele.
“Angimvikeli, kodwa ngilayazi mina iqiniso,” kwengeza yena.
Phezu kwale mibikko, uSipho Mbule usengumdlali ofiswayo amaqembu athile.
Muva nje uke wamataniswa neKaizer Chiefs. Kuphinde kwavela ukuthi AmaZulu FC nawo ayamfuna.
UMakaab akafunanga ukuphawula ngokuthi uSIpho Mbule uzoya kuphi.
Kodwa ukubeke kwacaca ukuthi lo mdlali wakhe usengosezingeni eliphezulu.
ILisenethini nokho isithole ukuthi lo mdlali ulibangise KwaZulu-Natal ngesizini ezayo.
