
Uxoshelwe ukuba ‘mdala’ u-Owen Da Gama kwiMagesi
IMagesi FC ishaqise umphakathi webhola laseNingizimu Afrika ngesikhathi ihlukana nobengumqeqeshi wayo u-Owen Da Gama.
Leli qembu elizinze eLimpopo liqale lashaqisa abalandeli bebhola ngesikhathi libuyisa u-Owen Da Gama obengasaziwa ezinhlakeni zebhola elikhokhelayo.
Ubesesebenza emazingeni aphansi eSafa ngesikhathi iMagesi imqasha ukuthi athathe indawo kaClinton Larsen ngesizini edlule.
Leli qembu belisesimweni esibi njengoba belilengela ezembeni, kodwa lo mqeqeshi wafike walisiza lalivika izembe.
Kodwa usekhululiwe yileli qembu naphezu komsebenzi omuhle awenzile. Isizathu? Usemdala kakhulu.
Yebo, lesi yisizathu sangempela esishiwo ngusihlalo weqembu uSolly Makhubela kwiSports Nights Amplified yeMetro FM kuleli sonto.
“Sihlukane ngoba, okokuqala, inkontileka yakhe iphelile ngoJuni,” kusho uMakhubela.
“Okwesibili, uma ubheka umqeqeshi wami – ngisambiza ngomqeqeshi wami ngoba ngisangambuyisa kwakusasa lokhu okusayo.
“Uma ubheka iminyaka yakhe nayo inomthelela. Sidinga umuntu osemncane osengagijima, ehle anyuke – enze lokhu nalokhuya.
“Kodwa indlela asize ngayo iqembu, ngeke kumangaze uma ngimmemezela kusasa njengomqondisi wezokuqeqesha.”
Uma ebuzwa ukuthi uDa Gama – oneminyaka engu-63 ubudala – useneminyaka efanayo neyangesikhathi eqashwa, uMakhubela ucashe ngesithupha.
“Yebo, uqinisile impela. Iminyaka isafana neyangesikhathi esisiza ukusindisa iqembu ezembeni.
“Kodwa kunezinye izinto ozibhekayo… Lapho ithimba lelibhekelele ukuqeqesha nabaphathi behlangana baqhamuke nesiphakamiso.
“Bathe, ‘Sihlalo, kufanele sithole umuntu osemncane esisazofunda okuthile kuye’.
“Akukhona ukuthi asikuboni lokho ngomqeqeshi wethu wangaphambili. Sisaxoxa naye.
“Kodwa uyazi kwesinye isikhathi kumele uvumele abantu ukuthi beze nezinguquko ezithile,” kuchaza uMakhubela.
Ebuzwa ukuthi ngabe udaba lwangempela wukuthi u-Owen Da Gama ucele ukwandiselwa imali uma evuselela inkontileka yakhe, uMakhubela uzichithile lezi zinsolo.
“Cha, ayikho into enjalo. Eqinisweni nje asizange size sifinyelele lapho sihlala khona phansi sixoxisane ngokuvuselelwa kwenkontileka naye.”
