Bafana BafanaEzintsha

UWilliams uqophe umlando eqokelwa indondo enkulu

URonwen Williams, ongukaputeni weBafana Bafana nonozinti weMamelodi Sundowns, uqokwe endondweni ehlonishwayo iYachine Trophy emiklomelweni yeBallon d’Or ka-2024. 

I-Yachine Trophy, eqanjwe ngonozinti wodumo waseRussia uLev Yashin, iklonyeliswa minyaka yonke kunozinti ohamba phambili emhlabeni.

Lesi yisikhathi esibalulekile kuWilliams, njengoba eba ngunozinti wokuqala waseNingizimu Afrika ukuqokwa kulo mklomelo. 

Ukwenza kahle kwakhe, eqenjini lakhe nakwelezwe, kumtholele indawo phakathi konozinti abahamba phambili emhlabeni. 

UWilliams ube nesizini enhle neMamelodi Sundowns, edlala indima ebalulekile ekunqobeni iligi yasekhaya nokuzibonakalisa kwayo kwiCaf Champions League.

I-Yachine Trophy ibonga onozinti ababonise ikhono eliyingqayizivele, ubuholi, nokugcina umgqigqo isizini yonke. 

Abanqobe le ndondo phambilini bahlanganisa abanye bonozinti abaphambili emhlabeni o-Alisson Becker noGianluigi Donnarumma. 

Ukuqokwa kukaWilliams kuyinto ebaluleke kakhulu, hhayi nje kuyena kuphela kodwa nasebholeni laseNingizimu Afrika.

Kkugqamisa ithalente lakhe eliyingqayizivele nokuhlonishwa konozinti base-Afrika emhlabeni jikelele. 

Njengoba umcimbi wemiklomelo usondela, wonke amehlo azobe ethe njo kuWilliams ukubona ukuthi angasithatha yini isicoco njengonozinti ovelele emhlabeni.