EzintshaKaizer Chiefs

UNabi uphawula ‘ngabangenagama’ abasayinwe yiChiefs 

Kodwa useveze umuzwa wabo ngokuhlonzwa abakwenzile ngabadlali abasha beqembu ngesikhathi sewindi likaJanuwari.

Lezi zinkunzi zaseSoweto zisayine oThabo Cele, uTashreeq Morris, noGlody Lilepo engxenyeni yesibili yesizini yeBetway Premiership ka-2024/25.

UCele ujoyine iChiefs esuka kwiFC Fakel Voronezh yaseRussia, kwathi uTashreeq Morris wasayiwa kwiSuperSport United kungazelele muntu.

Ukufika kwakhe kubone uChristian Saile ejoyina leli qembu eliqeqeshwa uGavin Hunt okwesikhashana. 

Umdlali wasesiswini waseDR Congo, uLilepo, yena ulandwe eqenjini laseFrance iValenciennes edlala esigabeni esiphansi.

UMorris umisiwe, ngeke adlale uma sebebhekene ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo ntambama eFNB Stadium. 

Kukholakala ukuthi uLilepo yena usalinde imvume yakhe yokusebenza kuleli futhi usazama ukuzinza ezweni elisha. 

UCele yena engadlala kodwa usaziqeqeshe neqembu izinsuku ezimbalwa. Kodwa kwazi bani, uNabi angase avele amphonse ensimbini zisuka nje. 

IChiefs bekumele iqinise isikwati sayo ngemuva kokuqala ngendlela engagculisi okuyenza izithole isendaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-21 ngemuva kwemidlalo engu-14. 

“Sikholwa ngokuqinile ukuthi sisayine ngokukhalipha ngaphandle kokuletha amagama azosusa usindo,” kusho uNabi kuleli sonto. 

“Okubalulekile wukuthi abadlali esibahlaziyile; siyazi ukuthi yini abakwazi ukuyenza.

“Futhi siyazi ukuthi bangangena kanjani kwindlela yethu yokudlala ngaphandle kwekinga. 

“Ngakho-ke sithemba ukuthi abazothatha isikhathi eside ukujwayela izimo, kodwa siqinisekile sisayine kahle kakhulu.”