
Umhlaziyi usola uqhekeko olubi kwiMamelodi Sundowns
Omunye wabahlaziyi bakuleli useveze umbono oshaqisayo ngesimo seMamelodi Sundowns akholwa wukuthi sijike kakhulu.
Engxoxweni neLISENETHINI, abekhuluma ngombandela wokungadalulwa, uphakamise ukuthi umqeqeshi uMiguel Cardoso uselahlekelwe amandla eqenjini.
Uphinde waphakamisa ukuthi umkhankaso ‘oholwa ngabadlali’ kungenzeka ukuthi yiwo onika iqembi impumelelo emidlalweni emikhulu.
UBANI OPHETHE NGAMPELA?
Lo mhlaziti – owake wasebenza kwiMamelodi Sundowns – ukholwa ukuthi abadlali baseNingizimu Afrika abadala yibo abahola imikhankaso emikhulu.
Uthi usola ukuthi yibo asebezilwela ngokwabo – ngaphandle kwamaqhinga omqeqeshi – emidlalweni yeBetway Premiership neyeCaf Champions League.
“Lokhu ngiqale ukukunakisisa ngoLwesibili kanti ngiqale ukubona izimpawu ezithile ngoMgqibelo bebhekene neMC Alger,” kusho umthombo.
“Iqembu eliqale umdlalo nendlela yokudlala kuyo yomibili leyo midlalo, bekungekhona okukhethwe uMiguel.”
Uthi lokhu kuzicacele kahle ngendlela iMamelodi Sundowns edlale ngayo linqoba kwi-Orlando Pirates ne-MC Alger.
UHLONZE LOKHU:
- Ukwehluka kwecebo lokuqala: Uthi ukuhlelwa nendlela yokudlala kulokho kunqoba okubili ‘akukhona’ okukaCardoso.
- Isifiso seNdebe yoMhlaba: Uveze ukuthi ngabadlali abadala abazibambele mathupha ukuqinisekisa izindawo zabo eqenjini leBafana Bafana ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ezayo.
- Ukwehluka kwesitayela: Uyagomela ngokuthi uma iSundowns idlala kahle, ibukeka “ingekho ezingeni” eba yilo uma ilandela iqhinga likaCardoso.
AMAQOQO EHLUKENE
Umbono walo mhlaziyi uthi abadlali ngokwabo babeke phambili isicoco seBetway Premiership neseChampions League.
Yingakho iqembu elidlale kwiNedbank Cup beluhlukile futhi kucaca ukuthi liqokwe futhi namacebo eliwasebenzisayo akaCardoso.
Umphumela kube wukuhlulwa okushaqisayo ngo 2-0 yiTS Galaxy ngoMgqibelo ntambama.
UCardoso wenze izinguquko ezingu-10 eqenjini ebelihlule iPirates.
UMAYIHLOKOZA WENEDBANK CUP
Lo mthombo uthi ukuhlulwa yiGalaxy kuveza kahle lokho uCardoso “akwaziyo (noma angakwazi)” lapho elilawula ngokuphelele iqembu.
UCardoso ngokwakhe usole “amaphutha omuntu ngamunye” kanye nephenathi “ebingagwemeka” ethi yikho okubaqhathe nenduku.
Kodwa umthombo uphakamisa ukuthi lokhu kuhlulwa kuujulile futhi kungenxa yamaqhinga angesebenzanga.
“Ngokuqondene neNedbank Cup, ngicabanga ukuthi bashiyele kuye ukuthi athathe izinqumo zakhe,” kwengeza umthombo.
FUNDA NALA | UMbhobho useyibhoboza Eswatini inethi
Uma lokhu kuyikhona ngempela okwenzeka kwiMamelodi Sundowns, kuyacaca isimo simanzonzo futhi kuhlukenwe phakathi.
Olunye uhlangothi luholwa yiqoqo labadlali abanamava, kanti olunye olwalo mqeqeshi odonsa kanzima ukuzinza kuleli qembu.
